ISimiso Sesonto Lika-November 11
ISONTO ELIQALA NGO-NOVEMBER 11
INgoma 119 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jl IZifundo 5-7 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Hebheru 1-8 (10 imiz.)
No. 1: Hebheru 4:1-16 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Singabonisa Kanjani Ukuthi ‘Sinokuhlakanipha Kwaphezulu’?—Jak. 3:17, 18 (5 imiz.)
No. 3: Ingabe Ukuthanda Umakhelwane Wakho Ikhona Okubaluleke Ngempela?—rs k. 104 ¶6 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Indlela Esingasiza Ngayo Ekunakekeleni Izidingo Zabanye. Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 2013, amakhasi 8-9.
10 imiz: Indlela Yokunqoba Ukwethuka Lapho Sishumayela. Ingxoxo esekelwe emibuzweni elandelayo: (1) Umthandazo ungasisiza kanjani uma sethukile emnyango womninikhaya? (2) Kungani ukulungiselela kahle kusisiza ukuba sinciphise ukwethuka? (3) Yini engasisiza sinciphise ukwethuka lapho sihamba nombonisi wesifunda? (4) Kungani ukwethuka kuncipha lapho sihlanganyela kakhudlwana enkonzweni? (5) Yini ekusisizile ukuba unqobe ukwethuka?
10 imiz: “Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UHoseya.” Imibuzo nezimpendulo.
INgoma 113 Nomthandazo