Izintshumayelo Ezisikiselwe
I-Kingdom News No. 38
“Ngihlanganyela emkhankasweni womhlaba wonke wokusakaza lo myalezo obalulekile. Nansi ikhophi yakho.”
Phawula: Ukuze kuhlanganiswe insimu, fushanisa intshumayelo yakho. Kwezinye izimo umninikhaya angase abonise isithakazelo esiqotho futhi afise ukuxoxa. Uma kunjalo, ungacela umbono wakhe ngombuzo osesembozweni, umfundele impendulo yeBhayibheli njengoba iboniswe ngaphakathi epheshaneni, umbonise nengxenyana encane yokuqukethwe yipheshana, kuye ngesikhathi eninaso. Ngaphambi kokuba uhambe, mbonise umbuzo ongemuva ngaphansi kwamagama athi “Cabanga Ngalokhu,” uhlele nokubuya nizoxoxa ngawo.
INqabayokulinda November 1
“Ngokombono wakho, yimaphi amanga amakhulu aye aqanjwa ngoNkulunkulu? [Lindela impendulo.] NgokweBhayibheli, uNkulunkulu ufuna abantu bamthande futhi bamethembe. [Funda u-Isaya 41:13.] Lo magazini udalula izinkulumo ezintathu ezingamanga avamile ngoNkulunkulu, ezenze kwaba nzima ngabanye ukusondela kuye.”
Phaphama! November
“Sinihambele kafushane ngoba abantu abaningi bakhathazekile ngezimiso zokuziphatha ezibonakala ziwohloka. Ucabanga ukuthi umphakathi uzehlisile izimiso zawo zokuziphatha? [Lindela impendulo.] IBhayibheli labikezela ukuthi isimo sengqondo nokuziphatha kwabantu kwakuyoshintsha. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.] Lo magazini ukhuluma ngokuthi kungani singazethemba izimiso zeBhayibheli.”