IZaziso
◼ Isipho sika-September no-October: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho nenza izimpindelo, hambisani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, noma uma kufaneleka ngokwezimo zomuntu, nihambise incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! noma ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, bese nizama ukuqala isifundo seBhayibheli. Ngo-November nango-December: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? noma Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? Lapho kuboniswe khona isithakazelo, bonisani ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani nisebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yenkathi yeSikhumbuzo sika-2014 iyonikezwa ngesonto lika-April 21. Isihloko sayo siyomenyezelwa njengoba isikhathi sihamba. Amabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda noma enomhlangano ngaleyo mpelasonto, ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi komhla ka-21 April.
◼ Amabandla alandelayo ajabulele ukunikezelwa kwamaHholo OMbuso awo amasha. EGauteng: Ga-Rankuwa View, Moduane. ELesotho: Tsosane. ELimpopo: Seshego East.