ISimiso Sesonto Lika-September 23
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 23
INgoma 109 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 14 ¶14-19 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 8-13 (10 imiz.)
No. 1: 2 Korinte 10:1-18 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Uma Umuntu Ethi, ‘Ngikholelwa Emfundisweni Yokuphindukuzalwa’—rs k. 323 ¶1-3 (5 imiz.)
No. 3: Kufanele Siyiqonde Kanjani Eyoku-1 Korinte 10:13? (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: “Ngizozithatha lzincwadi Zakho Uma Nawe Uthatha Ezami.” Ingxoxo. Cela izilaleli ziphawule ukuthi ziye zaphendula kanjani ngokuphumelelayo lapho kusikiselwa lokhu.
10 imiz: Sisebenze Kanjani Ngonyaka Odlule? Inkulumo enikezwa ngumbonisi wenkonzo. Bukeza indlela ibandla elisebenze ngayo ngonyaka wenkonzo odlule. Gxila kokuhle okufeziwe, uncome nalapho kufaneleka khona. Yisho isici senkonzo esisodwa noma ezimbili ibandla elingasebenzela kuzo phakathi nonyaka wenkonzo olandelayo bese unikeza ukusikisela okuwusizo.
15 imiz: Yini Esiyifundayo? Ingxoxo. Makufundwe izEnzo 16:19-40. Xoxani ngokuthi lokhu kulandisa kungasisiza kanjani ensimini.
INgoma 44 Nomthandazo