ISimiso Sesonto Lika-September 16
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 16
INgoma 21 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 14 ¶8-13 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 1-7 (10 imiz.)
No. 1: 2 Korinte 1:15–2:11 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ungakanani Umehluko Phakathi Kokuphindukuzalwa Nethemba Elinikezwa IBhayibheli?—rs k. 322 ¶4-5 (5 imiz.)
No. 3: Yini Okufanele Umuntu Ayenze Ukuze Aphephele Egameni LikaJehova?—Zef. 3:12 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Basha—Nizokwenzani Ngokuphila Kwenu?—Ingxenye 2. Inkulumo esekelwe kuleli pheshana, kusukela esigabeni 10 kuya esiphethweni. Xoxa kafushane nothile oye waphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele kusukela esemncane. Yini eyamthonya ukuba enze isinqumo esinjalo? Yiziphi izibusiso azitholile?
10 imiz: Lapho Usebenza Wedwa. Ingxoxo. (1) Lapho sishumayela sodwa, yini eyosisiza silondoloze injabulo? (2) Yiziphi izinto okudingeka uziqaphe lapho wenza izimpindelo wedwa? (3) Uma ungekho umhlangano wenkonzo ngezinsuku esiya ngazo ensimini, singabakhuthaza kanjani abanye ebandleni ukuba basebenze nathi? (4) Ziyini izinzuzo zokukhetha ukushumayela wedwa ngezikhathi ezithile noma kuphi nanoma nini lapho kuphephile ukwenza kanjalo?
10 imiz: “Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?” Imibuzo nezimpendulo. Bukeza kafushane indlela le ncwajana ehlelwe ngayo nezici zayo.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2013, ikhasi 3.
INgoma 107 Nomthandazo