ISimiso Sesonto Lika-September 9
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 9
INgoma 62 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 14 ¶1-7 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 10-16 (10 imiz.)
No. 1: 1 Korinte 14:7-25 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Umuntu Onesono ‘Angamncenga’ Kanjani “UJehova”?—2 IziKr. 33:12, 13; Isaya 55:6, 7 (5 imiz.)
No. 3: Kungani Ukulandisa OkukuJohane 9:1, 2 Kungafakazeli Ukuphindukuzalwa?—rs k. 321 ¶3–k. 322 ¶3 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Basha—Nizokwenzani Ngokuphila Kwenu?—Ingxenye 1. Inkulumo esekelwe ezigabeni 1-9 zaleli pheshana. Batuse ngokufudumele abasha abafuna ukubeka uMbuso kuqala.
10 imiz: Okuhlangenwe Nakho Kokusebenzisa Incwajana Ethi Izindaba Ezinhle. Ingxoxo. Cela izilaleli zilandise okuhlangenwe nakho okuhle eziye zakuthola lapho zisebenzisa le ncwajana ukuze ziqale izifundo zeBhayibheli. Hlanganisa nomboniso obonisa indlela le ncwajana engasetshenziswa ngayo lapho kwenziwa impindelo kumuntu owayethathe omagazini.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2013, ikhasi 7.
10 imiz: “Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—U-Amose.” Imibuzo nezimpendulo.
INgoma 96 Nomthandazo