ISimiso Sesonto Lika-July 22
ISONTO ELIQALA NGO-JULY 22
INgoma 22 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 12 ¶8-13 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 22-25 (10 imiz.)
No. 1: IzEnzo 22:17-30 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Kungaziphi Izindlela Sisezweni Kodwa Singeyona Ingxenye Yezwe?—Joh. 17:15, 16 (5 imiz.)
No. 3: Kungenzeka Yini NgamaKristu Ukuba Ayiswe Ezulwini Ngemizimba Yenyama?—rs k. 293 ¶2-3 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Ingabe Uwulungele Unyaka Ozayo Wesikole? Ingxoxo. Cela izilaleli zisho ezinye zezinselele intsha engamaKristu ebhekana nazo esikoleni. Chaza indlela abazali abangasebenzisa ngayo i-Index, izincwadi ezithi Intsha Iyabuza, ingosi yethu ye-Internet namanye amathuluzi enhlangano ngesikhathi sokukhulekela komkhaya ukuze bahlomisele izingane zabo izinselele zonyaka olandelayo esikoleni. (1 Pet. 3:15) Khetha isihloko esisodwa noma ezimbili, ukhulumele okunye kokwaziswa okuwusizo okusezincwadini zethu. Cela izilaleli zisho indlela ezakwazi ngayo ukunikeza ubufakazi ngesikhathi zisesesikoleni.
20 imiz: “Izindlela Ezintsha Zokufakaza Obala.” Imibuzo nezimpendulo. Chaza noma imaphi amalungiselelo ebandla okufakaza obala kusetshenziswa amatafula noma izinqola ezinezincwadi bese ulandisa okuhlangenwe nakho okuvelele.
INgoma 95 Nomthandazo