ISimiso Sesonto Lika-January 21
ISONTO ELIQALA NGO-JANUARY 21
INgoma 61 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 4 ¶9-14 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 12-15 (10 imiz.)
No. 1: Mathewu 14:23–15:11 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Uma Umuntu Ethi, ‘Masithandaze Kuqala, Bese Wethula Isigijimi Sakho’—rs k. 393 ¶6-7 (5 imiz.)
No. 3: Singafundani Esibonelweni Sika-Isaka Sokuba Umenzi Wokuthula?—Gen. 26:19-22 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Memezela Izindaba Ezinhle Ngaphandle Kokuyekethisa. (IzE. 5:42) Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abaziwa ngokuba abavangeli abashisekayo. Yini ebasizayo ukuba babheke inkonzo njengento eza kuqala ekuphileni kwabo? Yini abayenzayo ukuze balungiselele inkonzo? Inkonzo iye yabaqinisa kanjani ngokomoya?
10 imiz: Ukuziphatha Kwethu Okuhle Kunikeza Ubufakazi. (1 Pet. 2:12) Ingxoxo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-2012, ikhasi 105, isigaba 4; ikhasi 133, isigaba 2; nekhasi 146, isigaba 4. Cela izilaleli zisho izifundo ezizitholile.
10 imiz: “Ingabe Uyozuza Ngokuba Nensimu Yakho Siqu?” Imibuzo nezimpendulo.
INgoma 96 Nomthandazo