ISimiso Sesonto Lika-August 13
ISONTO ELIQALA NGO-AUGUST 13
INgoma 63 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 25 ¶1-7, amabhokisi emak. 199-200 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 28-31 (10 imiz.)
No. 1: Hezekeli 28:17-26 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ukuhlukanisa Phakathi Kwamanga Neqiniso NgoJesu Kristu (5 imiz.)
No. 3: Imiphi ImiBhalo Ethonya Umbono WomKristu Ngokuhileleka Ezindabeni Zezombangazwe?—rs k. 311 ¶4–k. 312 ¶3) (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Beka Isisekelo Sempindelo. Ingxoxo esekelwe emibuzweni elandelayo: (1) Kungani kunenzuzo ukubeka isisekelo sempindelo ekuhambeleni kokuqala, futhi singakwenza kanjani lokho? (2) Singawukhetha kanjani umbuzo othakazelisa umninikhaya esizowuphendula esikhathini esizayo? (3) Kungani kukuhle ukuvumelana ngesikhathi esiqondile sengxoxo elandelayo, ukuthola izinombolo zocingo zomninikhaya uma kungenzeka, noma ikheli le-e-mail? (4) Kungani kufanele sizame ukubuyela ngokushesha, mhlawumbe ngemva kwezinsuku ezimbalwa? (5) Imiphi imininingwane okufanele siyibhale phansi ngemva kokuhambela kokuqala?
10 imiz: Xoxa nesikhonzi sesikhathi esigcwele esisodwa noma ezimbili. Yini eyazikhuthaza ukuba zingenele le nkonzo? Iziphi izinselele eziye zabhekana nazo ukuze ziqhubeke zisenkonzweni yesikhathi esigcwele, futhi yini eyazenza zakwazi ukuqhubeka? Iziphi izibusiso eziye zazithola? Khuthaza izilaleli ukuba zicabangele ukuba amaphayona avamile ngonyaka wenkonzo ozayo.
10 imiz: “Qapha Unembeza Wakho.” Imibuzo nezimpendulo. Yisho usuku lomhlangano okhethekile wosuku olulodwa uma senilwazi.
INgoma 65 Nomthandazo