Amacebiso Amathathu Okuthuthukisa Ukufundisa Kwakho
1. Kungani kufanele sifune ukuthuthukisa ukufundisa kwethu?
1 Zonke izikhonzi ezingamaKristu zingabafundisi. Kungakhathaliseki ukuthi senza ukuhambela kokuqala, senza impindelo ukuze sithuthukise isithakazelo noma siqhuba isifundo seBhayibheli, sidlulisela ulwazi. Futhi ulwazi esifundisa ngalo aluyona nje into evamile. Sinikeza ukukhanya ‘emibhalweni engcwele,’ okungenza abantu ‘bahlakaniphele insindiso.’ (2 Thim. 3:15) Ave kuyilungelo elihle lelo! Nanka amacebiso amathathu okuthuthukisa ukufundisa kwethu.
2. Singafundisa kanjani ngendlela elula?
2 Fundisa ngendlela elula: Uma siyazi kahle indaba esixoxa ngayo, kungaba lula ukukhohlwa ukuthi ingabonakala iyinkimbinkimbi kanjani kumuntu ongazi. Ngakho-ke, uma uqhuba isifundo seBhayibheli, unganezeli imininingwane engadingekile ekufundiseni kwakho. Kunalokho, qokomisa amaphuzu ayinhloko. Ukukhuluma kakhulu akusho ngempela ukufundisa kangcono. (IzAga 10:19) Ngokuvamile kungcono ukuba kufundwe imiBhalo eyisihluthulelo nje kuphela. Ngemva kokufunda umBhalo, gxila engxenyeni yawo enixoxa ngayo. INtshumayelo YaseNtabeni, elotshwe kuMathewu izahluko 5 kuya ku-7, iqukethe amaqiniso abalulekile kodwa uJesu wawafundisa ngendlela elula nangamazwi ambalwa.
3. Ibaluleke ngani imifanekiso futhi imiphi evame ukuba ngcono?
3 Imifanekiso: Imifanekiso yenza umuntu acabange, ithinta imizwelo futhi iyasiza ekukhumbuleni. Ungabi nomuzwa wokuthi kufanele ube nekhono lokuxoxa izindaba ukuze unikeze imifanekiso emihle. UJesu wayevame ukusebenzisa imifanekiso emifushane nengeyona inkimbinkimbi. (Math. 7:3-5; 18:2-4) Izithombe ezilula ezidwetshwe ephepheni nazo zingasiza. Uma ucabanga kusengaphambili, ungayithola imifanekiso ephumelelayo.
4. Singayisebenzisa kanjani imibuzo ngokuphumelelayo?
4 Imibuzo: Imibuzo idinga ukuba umfundi acabange. Ngakho, yiba nesineke ngemva kokuba ubuze umbuzo. Uma uvele uyinikeze wena impendulo, ngeke ngempela wazi ukuthi yini ofunda naye ayiqondayo. Uma enikeza impendulo eshaya eceleni, kungaba ngcono ukumholela esiphethweni esifanele ngokubuza imibuzo eyengeziwe kunokuba uvele umlungise. (Math. 17:24-27) Yiqiniso, akekho kithi ongumfundisi ophelele. Ngenxa yalokho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sikunake njalo ukufundisa kwethu. Ukwenza kwethu kanjalo kuyolethela thina nalabo abasilalelayo izinzuzo zaphakade.—1 Thim. 4:16.