Fundisa Ngendlela Elula
1. Iyiphi imfanelo ebalulekile yokufundisa ngendlela ecacile nephumelelayo?
1 Ukufundisa ngendlela elula kuyisihluthulelo esiyinhloko sokufundisa ngokuphumelelayo. Ukucabangela indlela uMfundisi Omkhulu, uJesu, afundisa ngayo kungasisiza ukuba sithuthukise ‘ikhono lethu lokufundisa.’—2 Thim. 4:2; Joh. 13:13.
2. Yini ehilelekile ekufundiseni ngendlela elula, futhi ukufundisa okunjalo kunaliphi ithonya?
2 Khuluma Ngendlela Elula: INtshumayelo YaseNtabeni iqukethe amanye amaqiniso abalulekile ake ashiwo umuntu, wonke achazwe ngendlela elula. (Math., izahl. 5-7) Izixuku ezazilalele uJesu “zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.” Izikhonzi ezazithunyelwe ukuba ziyombopha zashukumiseleka ukuba zithi: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.” (Math. 7:28, 29; Joh. 7:46) Akudingeki ukuba sisebenzise amagama okunzima ukuwaqonda, izinkulumo eziyinkimbinkimbi, noma imifanekiso enemininingwane eminingi ukuze senze abantu balikholwe iqiniso. Iqiniso lingachazwa ngokucacile ngokusebenzisa inkulumo ejwayelekile.
3. Kungani abanye bengase bathambekele ekugxisheni izilaleli ngendaba eningi, futhi lokhu kungagwenywa kanjani?
3 Nquma Ukuthi Ingakanani Indaba Ozoyethula: UJesu wayezicabangela izilaleli zakhe lapho enquma ukuthi ingakanani indaba okufanele azitshele yona ngesikhathi esisodwa. (Joh. 16:12) Kumelwe siqaphe futhi sivumelane nezimo uma kuziwa kulokhu, ikakhulukazi lapho sishumayela ezihlotsheni zethu, kubantu abasanda kuthakazela noma ezinganeni. Kufanele siqaphele singabagxishi ngendaba eningi ngisho noma bebonakala besilalele ngokucophelela. Labo abanenhliziyo eqotho bayoqhubeka bengenisa ulwazi ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova.—Joh. 17:3; 1 Kor. 3:6.
4. Kungani kuzuzisa ukugxila emaphuzwini ayinhloko hhayi emininingwaneni?
4 Gxila Emaphuzwini Ayinhloko: UJesu wayengakwenzi kube inkimbinkimbi lokho akufundisayo ngokufaka imininingwane eminingi kakhulu. Lapho ethi: “Bonke abasemathuneni [bayokhunjulwa] . . . baphume,” kwakungesona isikhathi sokuba enabe ngezindawo ezimbili laba abavusiwe abayoya kuzo. (Joh. 5:28, 29) Lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli, kufanele sigxile emaphuzwini ayinhloko futhi silwe nokuthambekela kokufaka indaba eseceleni engadingekile esifundweni.
5. Yisiphi isibusiso esingasithola uma sifundisa ngendlela elula?
5 Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi konke esikwaziyo uJehova usifundisé khona ngendlela elula! (Math. 11:25) Kwangathi singazikhandla ekufundiseni ngendlela elula futhi sijabulele inkonzo enezithelo.