ISimiso Sesonto Lika-December 12
ISONTO ELIQALA NGO-DECEMBER 12
INgoma 43 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 14 ¶1-5, nebhokisi ek. 112 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 6-10 (10 imiz.)
No. 1: Isaya 6:1-13 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Kungani UNkulunkulu Evumela Kudlule Isikhathi Eside Kangaka Ngaphambi Kokubhubhisa Ababi?—rs k. 188 ¶5-7 (5 imiz.)
No. 3: Okwenza Uthando Lungapheli Nanini—1 Kor. 13:8; 1 Joh. 4:8 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Izaziso.
15 imiz: ISimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2012. Inkulumo ngombonisi wesikole. Xoxa ngamaphuzu esimiso sika-2012 okudingeka ibandla lisebenzele kuwo. Khulumela indima efezwa umeluleki ongumsizi. Bakhuthaze bonke ukuba bakhuthalele ukufeza izabelo zabo, ukuhlanganyela emaphuzwini avelele eBhayibheli nokusebenzisa ukusikisela okunikezwa masonto onke okusencwadini ISikole Senkonzo.
15 imiz: “Asilokothi Siphumule Emsebenzini.” Imibuzo nezimpendulo. Lapho nicabangela isigaba 2, xoxa kafushane nommemezeli ophumelelayo ekushumayeleni ngokwethukela. Mcele achaze ukuthi ukulungiselela kanjani lokhu kusengaphambili, abese elandisa okuhlangenwe nakho okuhle.
INgoma 135 Nomthandazo