ISimiso Sesonto Lika-June 13
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 13
INgoma 45 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 5 ¶1-8, nebhokisi ek. 39 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 38-44 (10 imiz.)
No. 1: IHubo 41:1–42:5 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Izibonelo EziseBhayibhelini Zobungane Obuseduze Nezimfanelo Esingazilingisa (5 imiz.)
No. 3: Iziprofetho Ngokubuyiselwa Kuka-Israyeli Zigcwaliseka Kobani Namuhla?—rs k. 46 ¶2–k. 47 ¶1 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Izindlela Zokushumayela Izindaba Ezinhle—Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya. Ingxoxo esekelwe kwethi Ukuhlelelwa, ikhasi 98, isigaba 1, kuya ekhasini 99, isigaba 1. Cela izilaleli ziphawule ngenjabulo eziye zaba nayo lapho zifundisa othile iqiniso futhi zimbona ethuthuka ngokomoya. Kungahlelwa kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili baphawule ngalokhu.
10 imiz: Iyini Indinganiso YobuKristu Ngomshado, Isehlukaniso, Nokuhlala Ngokwahlukana? Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kwethi Ukuhlelelwa, amakhasi 194-195, imibuzo 1-3.
10 imiz: “Kudingeka Sibekezele Enkonzweni Yethu.” Imibuzo nezimpendulo.
INgoma 103 Nomthandazo