ISimiso Sesonto Lika-April 11
ISONTO ELIQALA NGO-APRIL 11
INgoma 44 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 2 ¶8-15 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Jobe 21-27 (10 imiz.)
No. 1: Jobe 25:1–26:14 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Okwenza Kungafaneleki Ukuba Isiphambano Sibhekwe Njengento Okufanele Ihlonishwe (5 imiz.)
No. 3: Ingabe UJesu Kristu Ungumuntu Ofanayo NoMikayeli Ingelosi Enkulu?—rs k. 257 ¶2-4 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Izaziso. Yazisa ibandla ngentuthuko ebe khona emkhankasweni wokumemela abantu eSikhumbuzweni. Khumbuza ibandla ngamalungiselelo engxenye esasele yomkhankaso wensimu engabelwe.
15 imiz: Hlwanyela Imbewu Yakho Futhi Ungasiphumuzi Isandla Sakho. (UmSh. 11:6) Ingxoxo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-2011, ikhasi 170, isigaba 2 kuya ekhasini 173, isigaba 4. Ngemva kokuxoxa ngokuhlangenwe nakho ngakunye, cela izilaleli ziphawule ukuthi yiziphi izifundo ezizitholile.
15 imiz: “Kuzonikezwa Ubufakazi Obunamandla.” Imibuzo nezimpendulo.
INgoma 8 Nomthandazo