ISimiso Sesonto Lika-March 28
ISONTO ELIQALA NGO-MARCH 28
INgoma 45 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 1 ¶16-21 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Jobe 11-15 (10 imiz.)
No. 1: Jobe 13:1-28 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Okwenza UJesu Abe “INkosi YeSabatha”—Math. 12:8 (5 imiz.)
No. 3: Ingabe UJesu Wake Waphila Ezulwini Ngaphambi Kokuba Abe Umuntu?—rs k. 256 ¶1-2 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Izaziso. Yisho isipho sika-April bese kuba nomboniso owodwa wokuthi singaqalwa kanjani isifundo seBhayibheli lapho kubuyelwa kumuntu owamukele umagazini.
10 imiz: Ukusekela Umsebenzi WoMbuso Endaweni Yakithi Nasemhlabeni Wonke. Inkulumo esekelwe kwethi Ukuhlelelwa, ikhasi 127 kuya ku-129 isigaba 2.
10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa Omagazini Ngo-April. Ingxoxo. Sebenzisa umzuzu owodwa noma emibili ubukeza okuqukethwe omagazini. Yibe usukhetha izihloko ezimbili noma ezintathu bese ucela izilaleli zisikisele imibuzo nemiBhalo engasetshenziswa lapho behanjiswa. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
10 imiz: “Ingabe Wake Wakhonza Njengephayona Elivamile?” Imibuzo nezimpendulo. Uma kungenzeka, xoxa nephayona elake layeka ukuphayona labuye laqala lapho izimo zishintsha. Yini eyalisiza ukuze liphinde liphayone? Yiziphi izibusiso elizitholile?
INgoma 6 Nomthandazo