Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/10 k. 4
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 10/10 k. 4

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda October 1

“Abaningi bayazibuza ukuthi ingabe uNkulunkulu unendaba yini nezinto ezisikhathazayo nezinsizi esibhekana nazo. Wena ucabangani? [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 34:18.] Isihloko esiqala ekhasini 19 sikhuluma ngendlela uNkulunkulu asisiza ngayo ukuze sinqobe imizwa engafanele njengokuzinyeza, ukudabuka ngokweqile nomuzwa wecala odlulele.”

Phaphama! October

“Abanye babheka uNkulunkulu njengamandla nje. Abanye bambheka njengomuntu onemizwelo. Uyini umbono wakho? [Lindela impendulo.] Phawula leli phuzu elithakazelisayo [Funda u-1 Petru 5:6, 7.] Isihloko esiqala ekhasini 29 sinikeza impendulo yeBhayibheli yombuzo othi, Ingabe UNkulunkulu Ungumuntu Ongokoqobo?”

INqabayokulinda November 1

“Sonke sifuna ukuzizwa sanelisekile. Ucabanga ukuthi kufanele sibe nemali ukuze saneliseke? [Lindela impendulo.] Omunye umlobi weBhayibheli wafunda ukwaneliseka nakuba ayeswele. [Funda eyabaseFilipi 4:11, 12.] Lo magazini unikeza izimfihlo ezinhlanu zokwaneliseka ezitholakala eBhayibhelini.”

Phaphama! November

“Abathile abangakholelwa kuNkulunkulu babhekisela ezintweni ezimbi ezenziwa ngegama likaNkulunkulu futhi banomuzwa wokuthi umhlaba ubungaba ngcono ngaphandle kwenkolo. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] Nasi esinye isizathu esenza inkolo yamanga ibangele ukuhlupheka. [Funda u-2 Thimothewu 4:3, 4.] Lo magazini ubonisa amaphutha athile endleleni yokucabanga yabantu abangakholelwa kuNkulunkulu.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela