ISimiso Sesonto Lika-August 16
ISONTO ELIQALA NGO-AUGUST 16
INgoma 44 [211]
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 1-4
No. 1: 2 AmaKhosi 1:1-10
No. 2: Okwenza Izinto Ezibonakalayo Zinganikezi Ukwaneliseka Okuhlala Njalo (UmSh. 5:10)
No. 3: Kukuphi Lapho Igama LikaNkulunkulu Litholakala Khona Ezinguqulweni ZeBhayibheli Ezisetshenziswa Kakhulu Namuhla? (rs k. 240 ¶2–k. 242 ¶8)
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 9 [100]
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Siza Umfundi Ukuba Abe Ummemezeli. Inkulumo esekelwe encwadini Ukuhlelelwa, ikhasi 78 isigaba 3 kuya ekupheleni kwekhasi 80.
10 imiz: Bonisa Ukubaluleka Kwangempela Kwezindaba Ezinhle. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ISikole Senkonzo, ikhasi 159. Cela izilaleli zisho izinto ezikhathaza abantu ensimini yebandla. Cela ukusikisela kokuthi singazihlanganisa kanjani lezo zinto ezintshumayelweni zethu.
10 imiz: “Ukudla Ngesikhathi Esifanele.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Memezela usuku lomhlangano ozayo wosuku olulodwa uma selwaziwa.
INgoma 116 [111]