Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 26, 2010. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza okuyimizuzu engu-20 okusekelwe ekwazisweni kwezabelo zesonto lango-March 1 kuya ku-April 26, 2010.
1. Wayesho ukuthini uNawomi lapho ethi ‘nguJehova ongilulazile futhi nguMninimandla onke ongibangele inhlekelele’? (Ruthe 1:21) [w05 3/1 k. 27 isig. 2]
2. Iziphi izimfanelo ezenza uRuthe waba “ngowesifazane ovelele”? (Ruthe 3:11) [w05 3/1 k. 28 isig. 7]
3. Amazwi ka-Elkana athi “angingcono yini kuwe kunamadodana ayishumi” amqinisa kanjani umkakhe? (1 Sam. 1:8) [w90 3/15 k. 27 izig. 4-5]
4. Yini eyayenza kungafaneleki ukuba ama-Israyeli acele ukuba nenkosi? (1 Sam. 8:5) [w05 9/15 k. 20, isig. 17; it-2-E k. 163 isig. 1]
5. Njengoba ‘ayesegugile futhi empunga,’ uSamuweli wazibonakalisa kanjani eyisibonelo ngokuthandazela abanye, futhi lokhu kugcizelelani? (1 Sam. 12:2, 23) [w07 6/1 k. 29 izig. 13-15]
6. Kungani uSawule awabonelela ngokukhethekile amaKheni? (1 Sam. 15:6) [w05 3/15 k. 22 isig. 10]
7. Yini eyenza ukuba uSawule abuze uDavide lo mbuzo, “Uyindodana kabani, mfana?” (1 Sam. 17:58) [w07 8/1 k. 31 izig. 3, 5]
8. Yini esingayifunda endleleni uDavide asingatha ngayo inkinga engathí sina eyavela eGati? (1 Sam. 21:12, 13) [w05 3/15 k. 24 isig. 5]
9. Uthando nokuthobeka kukaJonathani kwabonakala kanjani lapho kudingeka asekele futhi akhuthaze umngane wakhe uDavide? (1 Sam. 23:17) [lv k. 28 isig. 10 nombhalo waphansi]
10. Yisiphi isifundo esisithola endabeni yokuya kukaSawule kumuntu onemimoya e-Eni-dori? (1 Sam. 28:8-19) [w05 3/15 k. 24 isig. 8]