Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda October 1
“Iningi labantu namuhla seliphelelwe ukholo ngoMdali. Ucabanga ukuthi kubangelwa yini lokho? [Lindela impendulo.] La mavesi anikeza lokho okungase kube esinye sezizathu zalokhu. [Funda uHabakuki 1:2, 3.] Lesi sihloko siphendula eminye yemibuzo evamile ngoNkulunkulu eye yabangela abantu baphelelwa ukholo kuyena.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 11.
Phaphama! October
“Awuvumi yini ukuthi imikhaya ibhekene nezinselele eziningi namuhla? [Lindela impendulo.] Abaningi abasiqapheli iseluleko esisebenzayo esitholakala eBhayibhelini. Nasi isibonelo. [Funda umBhalo otholakala kumagazini.] Lo magazini okhethekile we-Phaphama! ubonisa indlela izimiso eziseBhayibhelini ezingasiza ngayo imikhaya ukuba ibhekane nezimo ezihlukahlukene ngokuphumelelayo.”
INqabayokulinda November 1
“Ingabe ucabanga ukuthi zonke izinto ezifundiswa emasontweni zivela eBhayibhelini? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisixwayisa ngokuthi siqaphe ukuba singadukiswa amanga. [Funda abaseKolose 2:8.] Lo magazini uveza izimfundiso eziyisithupha ezingqubuzana neZwi likaNkulunkulu.”
Phaphama! November
Izinto ezinjengomakhalekhukhwini ne-computer seziyingxenye yokuphila kwethu okuvamile. Ucabanga ukuthi ukusebenzisa ubuchwepheshe kuyasonga isikhathi noma kuyasichitha? [Lindela impendulo.] Iningi lingavumelana nalesi sikhuthazo sokusebenzisa isikhathi ngokuhlakanipha. [Funda abase-Efesu 5:15, 16.] Lo magazini uxoxa ngokuthi singabusebenzisa kanjani ubuchwepheshe ngendlela elinganiselayo nenokucabangela.”