Funa Abafanelekayo
1. Sibonisa kanjani ukuthi siyalazisa ilungelo lokukhonza enkonzweni?
1 Phakathi nenkonzo yakhe uJesu wenza konke ayengakwenza ukuze anikeze abathobekile izindaba ezinhle zenduduzo. (Isaya 61:1, 2) Njengamanxusa nezithunywa ezimelele uKristu, namuhla sinelungelo eliyigugu lokumlingisa emsebenzini wethu esiwenza ngenkuthalo nangokungashwampuluzi wokufuna labo abafanelekayo ensimini yethu.—Math. 10:11; 2 Kor. 5:20.
2. Ukuzivumelanisa nezimo kukaPawulu kwabonakala kanjani, futhi kwaba namiphi imiphumela?
2 Vumelana Nezimo: Umphostoli uPawulu wayevame ukuqala esinagogeni ashumayele kumaJuda nakwabezizwe abaphendukele ebuJudeni. (IzE. 14:1) Lapho beseFilipi, yena noSila bafuna abantu ‘endaweni ababecabanga ukuthi eyokuthandaza.’ Baqala ukufakaza eqenjini labesifazane, futhi omunye wabo ogama lakhe linguLidiya washesha ukwamukela iqiniso.—IzE. 16:12-15.
3. Yimaphi amathuba enkonzo engeziwe esingawajabulela ngaphandle kwenkonzo yendlu ngendlu?
3 Ngaphandle nje kwensimu yendlu ngendlu, ungashumayela yini kubantu ezindaweni zezinto zokuhamba, emapaki, emahhovisi emisebenzi, emakhoneni emigwaqo ephithizelayo, ezindaweni zamabhizinisi nasezikhungweni zezitolo ezinkulu ensimini yakini? Mhlawumbe ungafakaza kulabo abahlala ezindaweni ezibiyelwe noma okungenwa kuzo ngemvume ngokubhala izincwadi noma ngocingo. Ukuqapha nokuzivumelanisa nezimo ezishintshashintshayo ensimini yakini kuyokuvumela ukuba ‘wenze okuningi emsebenzini weNkosi.’—1 Kor. 15:58.
4. Ikuphi okunye esingakwenza uma insimu yebandla lakithi ilinganiselwe?
4 Abamemezeli abaningi babe nethuba lokwandisa inkonzo yabo ngokuthuthela kwelinye ibandla ezweni lakubo noma kwelinye izwe. Abanye bafunde ulimi olusha ukuze bashumayele kubantu abavela kwelinye izwe.
5. Kufanele ube yini umbono wethu ngesikhathi esiphila kuso, futhi kufanele sizimisele ukwenzani?
5 Sonke kufanele sikhumbule ukuthi “insimu yizwe.” (Math. 9:37; 13:38) Njengoba ukuphela kwalesi simiso sezinto kusondela, ngamunye wethu kufanele asicabangele ngokungathi sina isimo sakhe, ikhono, namathuba okwandisa inkonzo yakhe. UJehova uyasiqinisekisa ukuthi uma sibeka izithakazelo zoMbuso kuqala, uyoyibusisa imizamo yethu eqotho yokwandisa inkonzo yethu.—Math. 6:33.