IZaziso
◼ Izincwadi ezizohanjiswa ngo-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Imimoya Yabafileyo—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza?, Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile? nethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ Izihloko ezithi “Ingabe Ulilungele Idili Elingokomoya?” nesithi “Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi” kuyohlelwa ukuba kuxoxwe ngazo eMhlanganweni Wenkonzo ngo-October. Kodwa eNamibia naseBotswana lapho imihlangano iyosheshe iqale khona, amabandla kufanele ahlele ingxoxo yemizuzu engu-25 ngalezi zihloko kusasele okungenani amasonto amathathu ngaphambi kokuba kuqale umhlangano wesigodi ibandla elabelwe kuwo.
◼ Kungase kudingeke kushintshwe isimiso somhlangano njengokudingekile ukuze kuyiwe eMhlanganweni Wesigodi othi “Hlalani Nilindile!” EMhlanganweni Wenkonzo wokugcina ngaphambi kokuya emhlanganweni wesigodi, kufanele kuhlanganiswe iziqondiso nezikhumbuzo ezisebenza ebandleni. Enyangeni eyodwa noma ezimbili ngemva kokubuya emhlanganweni, ingxenye yezidingo zebandla kufanele isetshenziselwe ukubukezwa kwamaphuzu omhlangano lawo abamemezeli abawathole engaba usizo ensimini.