ISimiso Sesonto Lika-July 13
ISONTO ELIQALA NGO-JULY 13
INgoma 40
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
lv-ZU isahl. 7 ¶10-19, ibhokisi elisekhasini 81
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 21–24
No. 1: Levitikusi 22:17-33
No. 2: Bangashintsha Yini Abantu Abenza Izinto Ezimbi? (lr-ZU isahl. 25)
No. 3: Indlela amaKristu Eqiniso Abonisa Ngayo Ukukhathalela Abampofu
□ UMhlangano Wenkonzo:
Ingoma 224
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Sebenzisa IBhayibheli Enkonzweni Yakho. Ingxoxo nezilaleli esekelwe ekhasini 145 lencwadi ethi ISikole Senkonzo. Makube nomboniso omfushane oveza ukubaluleka kokusebenzisa inguqulo esebenzisa igama likaNkulunkulu, uJehova.
10 imiz: Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli. Landisa okuhlangenwe nakho noma ubuze abamemezeli ngokuphathelene nalokho okuye kwafezwa ensimini yakini lapho kucelwa izifundo zeBhayibheli ngosuku olubekelwe leyo njongo ngokukhethekile.
10 imiz: “Ungayandisa Yini Inkonzo Yakho?” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
INgoma 17