Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.
1. Yini esingayifunda emthethweni oku-Eksodusi 23:19? [w06-ZU 4/1 k. 31 izig. 1-5]
2. Yayiyini i-Urimi neThumimi, futhi kwakusetshenziswa kanjani kwa-Israyeli wasendulo? (Eks. 28:30) [w06-ZU 1/15 k. 18; w01-ZU 9/1 k. 27]
3. UJehova wakhuluma kanjani noMose “ubuso nobuso”? (Eks. 33:11, 20) [w04-ZU 3/15 k. 27]
4. Iziphi izifundo esingazifunda endleleni ama-Israyeli anikela kakhulu ngayo ngempahla yokwakha nangamakhono awo ukuze kwakhiwe itabarnakele? (Eks. 35:5, 10) [w99-ZU 11/1 k. 31 izig. 1-2]
5. Isihenqo esishiwo ku-Eksodusi 40:28 simelelani ethempelini likaNkulunkulu elingokomoya elikhulu? [w00-ZU 1/15 k. 15 izig. 7-8]
6. “Umnikelo wokushiswa” owawunikelwa wonke e-altare usikhumbuza siphi isici ngomhlatshelo kaJesu? (Lev. 1:13) [w04-ZU 5/15 k. 21 isig. 3]
7. Ukuthi “wonke amanoni angakaJehova” kugcizelelani kithi? (Lev. 3:16, 17) [w04-ZU 5/15 k. 22 isig. 2]
8. Yini eyayishiwo ukugcoba elinye legazi lenqama yokumiswa egwagweni lendlebe yesokunene ka-Aroni namadodana akhe, kanye nasesandleni nasonyaweni lwesokunene? (Lev. 8:23, 24) [it-2 k. 1113 isig. 4]
9. Yini esiyithola kuLevitikusi 12:8 mayelana nabazali bakaJesu, futhi sifunda siphi isifundo? [w98-ZU 12/15 k. 6 isig. 5]
10. Imihlatshelo eyayenziwa ama-Israyeli minyaka yonke ngoSuku Lokuhlawulelwa yawufuzisela kanjani umhlatshelo kaJesu wesihlengo? (Lev. 16:11-16) [w98-ZU 2/15 k. 12 isig. 2]