IZaziso
◼ Ngo-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho nenza izimpindelo kwabanesithakazelo, kuhlanganise nalabo ababekhona eSikhumbuzweni noma kweminye imibuthano engokwasezulwini kodwa abangahlanganyeli nebandla, gxilani ekuqaleni izifundo ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: Imimoya Yabafileyo—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! nethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu!
◼ Uma uhlela ukuya emihlanganweni yebandla, yesifunda, noma yesigodi kwelinye izwe, isicelo sakho sokwaziswa ngezinsuku, isikhathi nezindawo zemihlangano kumelwe sithunyelwe ehhovisi legatsha elengamele umsebenzi kulelo zwe. Amakheli amahhovisi amagatsha asohlwini olusekhasini lokugcina le-Ncwadi Yonyaka yamuva.
◼ Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokumemezela imihlangano yesigodi neyezizwe ka-2009 ezoba semhlabeni wonke. Abamemezeli bayoba nethuba lokusakaza isimemo esikhethekile ensimini yabo. Lo mkhankaso kufanele uqale emasontweni amathathu ngaphambi komhlangano ibandla elabelwe kuwo.