ISimiso Sesonto Lika-March 23
ISONTO ELIQALA NGO-MARCH 23
INgoma 76
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
lv-ZU isahl. 3 ¶1-7, ibhokisi ek. 29
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 47-50
No. 1: Genesise 48:1-16
No. 2: Ingabe Kufanele Simesabe UDeveli?
No. 3: Usizo Esiluthola Ezingelosini ZikaNkulunkulu (lr-ZU isahl. 11)
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 118
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Lungiselela ukuhambisa INqabayokulinda ka-April 1 ne-Phaphama! ka-April. Ingxoxo nezilaleli. Ngemva kokubukeza omagazini kafushane, buza izilaleli ukuthi iziphi izihloko ezihlela ukuzikhulumela ensimini futhi ngani. Imiphi imibuzo nemiBhalo engasetshenziswa ekwethuleni izihloko? Yenza umboniso wendlela ongahanjiswa ngayo umagazini ngamunye. Komunye wale miboniso, bonisa indlela okungaqalwa ngayo isifundo lapho kwenziwa impindelo.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Bonisa Inhlonipho Ngokulalelisisa Nangokucabangela Umbono Womninikhaya. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, amakhasi 186-187. Makube nomboniso ngendlela iseluleko esilapho esisebenza ngayo. Ngemva kwalokho, cela izilaleli zisho ukuthi kungani intshumayelo yommemezeli ibe impumelelo.
INgoma 89