Ingabe Uyayisebenzisa Incwadi Ethi Ukubonisana?
1. Umphostoli uPawulu noJesu babafundisa kanjani abanye?
1 Umphostoli uPawulu wayezimisele ‘ukubonisana nabanye ngemiBhalo.’ (IzE. 17:2, 3; 18:19) Ngokwenza kanjalo, walingisa uJesu, owayecaphuna imiBhalo njalo futhi esebenzisa imifanekiso ukuze asize izilaleli zakhe ziqonde intando kaNkulunkulu. (Math. 12:1-12) Incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo iklanyelwe ukuba isisize senze okufanayo.
2. Singayisebenzisa kanjani incwadi ethi Ukubonisana ukuze silungiselele izingeniso eziphumelelayo?
2 Ukulungiselela Izingeniso Eziphumelelayo: Incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo inezingeniso ezivusa isithakazelo emakhasini 9-15. Ukufunda nokusebenzisa izingeniso ezihlukahlukene, ikakhulukazi uma niyihlanganisa njalo insimu, kuyokusiza ukuba usebenzise izindlela ezihlukahlukene enkonzweni yakho futhi kukusize nokuba uvumelane nezimo, uphumelele nasekuqaleni izingxoxo. Izingeniso zingafundwa ngokuqondile encwadini lapho sifakaza ngocingo noma sikhuluma nge-intercom ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo.
3. Yini etholakala emakhasini 16-24 encwadi ethi Ukubonisana?
3 Ukunqoba Abavimba Ingxoxo: Kungani ungabalungeli abavimba ingxoxo ongase ubathole ensimini yakini futhi uzinike imizuzwana ngaphambi kokushumayela ngokuhlola amakhasi 16-21 ukuze uthole izimpendulo ongase uzisebenzise? Kungenzeka yini ukuthi abanye abaninikhaya bangamaBuddha, amaHindu, amaJuda noma amaSulumane? Uma kunjalo, indaba esemakhasini 21-24 iyoba usizo kakhulu.
4. Singayisebenzisa kanjani incwadi ethi Ukubonisana lapho kuphakama umbuzo noma isihloko esiyimpikiswano?
4 Ukuphendula Imibuzo: Incwadi ethi Ukubonisana ingasisiza lapho kuphakama umbuzo noma indaba eyimpikiswano. Ungavele umtshele umuntu ukuthi ungathanda ukumbonisa okuthile okuthakazelisayo okuphathelene naleso sihloko bese ukhipha incwadi yakho ethi Ukubonisana. Njengoba izihloko zihlelwe ngokulandelana kwezinhlamvu, vula isihloko ocabanga ukuthi singaba nendaba oyidingayo. Yibe usubheka imibuzo ebhalwe ngamagama agqamile. Uma ungakutholi ngokushesha lokho okufunayo, bheka uhlu lwezikhombo ngemuva. Uma usuyitholile indaba oyifunayo, ifunde njengoba injalo. Uma nixoxa ngomBhalo othile ngokukhethekile, ungase ukuthole okudingayo ekhasini 445 ngaphansi kohlu oluthi “Imibhalo Evame Ukusetshenziswa Ngokungeyikho.”
5. Iziphi ezinye izinzuzo zokusebenzisa incwadi ethi Ukubonisana?
5 Ezinye Izindlela Esingayisebenzisa Ngazo: Abanye baba nekhophi yencwadi ethi Ukubonisana emsebenzini noma esikoleni ukuze ibasize baphendule imibuzo enjengethi, ‘Kungani ningawagubhi amaholide?’ Intsha iye yayithola iwusizo indaba etholakala ngaphansi kwesihloko esithi “Indalo” nesithi “Ukuziphendukela Kwemvelo” lapho ilungiselela imibiko yesikole. Ingabe uzohambela umuntu ogulayo noma oshonelwe othandekayo? Indaba engaphansi kwesihloko esithi “Isikhuthazo” ingakusiza ukuba unikeze induduzo engokomBhalo. Incwadi ethi Ukubonisana iwumthombo owusizo nakulabo abasingatha imihlangano yenkonzo yasensimini.
6. Uyini umgomo wethu lapho sishumayela?
6 Lapho sishumayela, umgomo wethu awukona ukunqoba izimpikiswano; futhi awukona ukudlulisela nje isigijimi. Sifuna ukubonisana nabantu ngokuhlakanipha ngemiBhalo. Njengoba siyisebenzisa kahle incwadi ethi Ukubonisana, sibonisa ukuthi sikuqaphela njalo ukufundisa kwethu.—1 Thim. 4:16.