IZaziso
◼ Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Lapho kunabantwana khona, kungase kuhanjiswe incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ Ngo-September 1, 2008, kwasungulwa isifunda esisha esizonakekela insimu yolimi lwezandla, kuhlanganise namabandla esiShayina nesiFulentshi. Kuye kwenziwa ushintsho ukuze izinto zihambe ngale ndlela: Imihlangano yesifunda yolimi lwezandla iyoba seThekwini ngo-March 21, 22, 2009, naseHholo LoMhlangano LaseMidrand ngo-August 22, 23, 2009. Umhlangano wesifunda wesiShayina uyoba seHholo LoMhlangano LaseMidrand ngo-August 29, 30, 2009. Imihlangano yesifunda yesiFulentshi ihlelelwe ukuba ibe seHholo LoMhlangano LaseMidrand ngo-February 21, 22, 2009, kanti eThekwini uyoba ngo-March 28, 29, 2009. Umhlangano okhethekile wosuku olulodwa wolimi lwezandla eHholo LoMhlangano LaseMidrand uyoba ngo-January 31, 2009, eGeorge uyoba ngo-April 12, 2009, kanti eThekwini uyoba ngo-July 11, 2009. Umhlangano okhethekile wesiShayina uhlelelwe ukuba ube seHholo LoMhlangano LaseMidrand ngo-February 1, 2009. Umhlangano okhethekile wosuku olulodwa wesiFulentshi uyoba ngo-April 25, 2009 eHholo LoMhlangano LaseBellville, eHholo LoMhlangano LaseMidrand ube ngo-June 7, 2009, kanti eThekwini uyoba ngo-July 12, 2009.
◼ Umbonisi owengamele kufanele ahlole ukuthi inani le-Nkonzo Yethu YoMbuso elitholwa yibandla lanele yini ngokwezidingo zebandla, kuhlanganise nezimbalwa zokwenezela. Uma ibandla lithola eziningi kakhulu, kufanele kuncishiswe i-oda lazo lebandla kusetshenziswa IFomu Loku-oda Umagazini (M-202). Uma ibandla lithola ezimbalwa kakhulu, inani kufanele landiswe. Bonke abamemezeli kufanele bathole ikhophi. Labo ababa khona njalo eMhlanganweni Wenkonzo futhi abathuthukela ekuhlanganyeleni enkonzweni yasensimini kufanele nabo bathole ikhophi. Qinisekani ukuthi kuba nekhophi yomtapo wezincwadi waseHholo LoMbuso. Abasusiwe ekuhlanganyeleni akufanele banikwe INkonzo Yethu YoMbuso.—Bhekani iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1987.
◼ Ngezinye izikhathi ihhovisi legatsha lithola ama-oda aphuthumayo. Sicela nigweme ukufaka ama-oda aphuthumayo ngaphandle kwalapho nithunyelelwe i-oda okungelona. Kumenyezelwa kusenesikhathi ukuthi iziphi izincwadi ezihanjiswayo ezidingekayo, ezemikhankaso ekhethekile, ezizofundwa emihlanganweni yebandla, nama-DVD okufanele abukwe. Ngokuhlela kahle, kungagwenywa ama-oda amaningi aphuthumayo. Ama-oda avamile kufanele athunyelwe ngokushesha inyanga ngayinye ngisho noma ku-odwa izinto ezimbalwa.
◼ Ngokudabukisayo alikho ilungiselelo lokuba abazalwane balande ama-oda ebandla eBethel. Ibandla ngalinye lifakwe ohlelweni olukhethekile lokuthumela izincwadi futhi ama-oda adilivwa ngokwalolo hlelo. Njengoba sesinomsebenzi owengeziwe lokhu akusivumeli ukuba siphazamise lolu hlelo ukuze abathile balande izincwadi. Kodwa, abazalwane bangawashiya ama-Literature Request Form (S-14) lapho bevakashele eBethel.
◼ Singathanda ukukhumbuza onobhala bamabandla ukuba baphendule incwadi yango-October 1, 2008 ephathelene nama-oda omagazini abengeziwe bezinyanga ezikhethekile zika-March, April, no-May 2009.
◼ Sicela nisebenzise amafomu ebandla ngobuhlakani. Kuwumsebenzi omkhulu futhi kudla imali eningi ukwenza la mafomu. Kungase kudingeke ukuba kukhunjuzwe abathile ukuthi amafomu ebandla akuwona owokubhala noma yini nje. Amanye amabandla anelungiselelo lamaphepha okubhala ukuze abazalwane bangawasebenziseli leyo njongo la mafomu. Kungagwenywa ukusaphaza okungadingekile uma abazalwane bewalungisa amaphutha amancane kunokuba balilahle ifomu. Kodwa, kufanele kuqikelelwe ukuthi wonke amafomu asemafayelini ebandla noma athunyelwa ehhovisi legatsha ahlanzekile futhi abhalwe ngokucacile. Lapho nigcina amafomu endaweni ethile, qinisekani ukuthi awekho afihlwa amanye alingana nawo.
◼ Izaziso ezibalulekile eziphathelene nezimiso noku-odwa kwezincwadi ngokuvamile zenziwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Izinceku zezincwadi kufanele zizifunde ngokushesha izaziso lapho nje zithola ikhophi ye-Nkonzo Yethu YoMbuso ukuze zihambisane nazo ngokushesha.
◼ Sicela ukukhumbuza abamemezeli ukuthi kubiza kakhulu ukukhiqiza izincwadi ze-Braille, ezinkulu zibiza izinkulungwane zamaRandi. Kuyilungelo lethu ukunikelela lezi zincwadi. Lapho kufakwa i-Literature Request Form (S-14) unobhala webandla kufanele aqiniseke ukuthi zonke izinto ezi-odiwe ezabamemezeli noma izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo. Kufanele abonise ngokucacile kuyi-Literature Request Form ukuthi ulihlolisise ngokucophelela i-oda futhi uyaligunyaza. Labo abathola izikhokhelo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! nge-Braille kufanele nabo bacabangele izindleko ezihilelekile.
◼ Ama-Kingdom Melodies—MP3 ngeke esatholakala ngama-disc avamile lapho kufakwa ama-oda ehhovisi legatsha. Angatholakala engosini ye-Internet ethi www.jw.org kuphela. Nakuba inhlangano ikhokha isikhathi ngasinye lapho kukopishwa izinto kuyi-Internet, le ndlela ishibhile kunokwenza nokuthumela ama-disc angokoqobo.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? (kt)—NgesiBemba, isiBhunu, isiChewa, isiFulentshi, isiHerero, isiKhoekhoegowab, isiKwangali, isiKwanyama, isiNdebele, isiNdonga, isiNgisi, isiNgisi (se-Braille ka-Grade 2), isiPutukezi, isiShayina (Esenziwe lula), iSipedi, isiSuthu, isiSwazi, isiTsonga, isiTswana, isi-Umbundu, isiVenda, isiXhosa nesiZulu
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? (dvkt)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika, ngoLimi Lwezandla LwaseNingizimu Afrika