Qeqesha Abasanda Kuhlanganyela Ukuze Babhekane Nokuphikiswa
1 Lapho abantu beqala ukufunda iBhayibheli futhi ‘befisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu,’ uSathane ubahlasela ngokukhethekile. (2 Thim. 3:12) Ukuphikiswa kungavela kulabo abasebenza nabo, abafunda nabo noma komakhelwane. Kungabavivinya ngempela abasanda kuhlanganyela ukuphikiswa yizihlobo zabo ezibafisela okuhle.—Math. 10:21; Marku 3:21.
2 Kwabikezelwa Ukuphikiswa: Abasanda kuhlanganyela kufanele baqonde ukuthi ukushushiswa kufanele bakulindele nokuthi kuwuphawu lokuthi sebengabafundi bakaKristu bangempela. (Joh. 15:20) Ngezinye izikhathi, ukuphikiswa okuvela kwabanye kungase kubangelwe ukungabaqondi oFakazi BakaJehova. Khumbula ukuthi kunenjabulo enkulu etholakala ekuhlazweni ngenxa yokuba umlandeli kaJesu nokulalela uNkulunkulu. (IzE. 5:27-29, 40, 41) Baqinisekise abasanda kuhlanganyela ngokusekela kothando okuvela kuJehova. (IHu. 27:10; Marku 10:29, 30) Ukulondoloza ubuqotho babo kubabeka ohlangothini lukaJehova empikiswaneni yobubusi bendawo yonke.—IzAga 27:11.
3 Indima Yolwazi Olunembile: Gxilisa kulabo ofunda nabo iBhayibheli ukubaluleka kokuqhubeka bengenisa ulwazi olunembile ngisho nalapho bebhekene novivinyo. Ngokuphikiswa, uSathane uzama ukuvimbela lokho abakufundayo ukuba kungagxili enhliziyweni yabo engokomfanekiso. (IzAga 4:23; Luka 8:13) Kufanele baqhubeke bengenisa ulwazi olunembile ngeZwi likaNkulunkulu ukuze bagxile okholweni.—IHu. 1:2, 3; Kol. 2:6, 7.
4 Isidingo Sokukhuthazela: Kunoma yisipho isimo esivivinyayo, ukukhuthazela kubalulekile futhi kungaveza imiphumela emihle. (Luka 21:16-19) Uma abasanda kuhlanganyela bekhuthazelela ukuphikiswa, bazizuzisa bona nabanye. Babona amandla kaJehova okubabusisa ngempela labo abakhuthazela ngokwethembeka.—Jak. 1:12.
5 Umphostoli uPawulu wajabula ngokuthuthuka okungokomoya kwabafowabo baseThesalonika. Wabonga uNkulunkulu ngenxa yabo, iningi labo ayelisizile ukuba lithole iqiniso. (2 Thes. 1:3-5) Nathi singathola injabulo nokwaneliseka okufanayo uma siqeqesha esifunda nabo iBhayibheli ukuba babhekane nokuphikiswa futhi bakhuthazele.