IZaziso
◼ Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma kunezingane, kungase kuhanjiswe incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu.
◼ Njengoba u-November enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, angaba inyanga ekahle kakhulu yokuba iphayona elisizayo.
◼ Inkulumo ekhethekile yenkathi yeSikhumbuzo sika-2009 iyonikezwa ngesonto lika-April 20, 2009. Isihloko sale nkulumo siyomenyezelwa kamuva. Lawo mabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda noma enomhlangano ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 20.
◼ Umbonisi owengamele ucelwa ukuba athumele amarekhodi ezimali ebandla ka-June, July no-August ehhovisi legatsha ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kokuphela kuka-August. Asikho isidingo sokubala izimali ngaphambi kokuthumela lawo marekhodi. Kufanele kufakwe zonke izitatimende zasebhange. Bhalani emvilophini ukuthi Accounting Office—PBO Registration.
◼ Amabandla azothunyelelwa isihloko sonyaka sika-2009. Kodwa-ke, amabandla amasha amiswe ngemva kuka-September 1 kuyodingeka athumele ama-oda. Isihloko sonyaka sika-2009 siyotholakala ngesiBhunu, isiKwangali, isiKwanyama, isiNgisi, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nesiZulu. Amabandla kufanele achome isihloko sonyaka esisha ngo-January 1, 2009.
◼ Ngezinye izikhathi ihhovisi legatsha lamukela ama-Literature Request Form (S-14) kanye nama-Fomu Oku-oda Umagazini (M-202) angenalo igama nenombolo yebandla, okwenza kube nzima ukuthumela lelo oda. Sifisa ukukhumbuza onobhala ukuthi kufanele bahlolisise yonke imininingwane lapho besayina futhi bethumela ifomu.
◼ I-Require—On Compact Disc (cdrq) ngeke isakhiqizwa ngesiBhunu, iSipedi, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nesiZulu. Ngakho-ke wonke ama-oda ala ma-compact disc amabandla awathumele azosulwa. Kodwa, sisenedlanzana lawo ngesiSuthu, ngakho nisengawathumela ama-oda alolo limi.
◼ Ukuze kusizwe abamemezeli nabantu abathakazelayo abayizimpumputhe nabanenkinga yamehlo abasebenzisa imishini ye-Braille noma ama-computer afundayo, kwenziwe ilungiselelo lokusakaza amafayili e-computer e-Nqabayokulinda ebhalwe nge-Braille ukuze bakwazi ukuwasebenzisa. La mafayili ahlanganisa INqabayokulinda yomphakathi nefundwayo ye-Braille ka-Grade 2 noma yesiNgisi esifingqiwe kanye ne-Nqabayokulinda efundwayo ka-Grade 1 noma ye-Braille yesiFulentshi neSpanishi esingafingqiwe. La mafayili azothunyelwa nge-E-mail kwabawadingayo. Labo abafisa ukuthola amafayili e-Nqabayokulinda ye-Braille kufanele bacele unobhala webandla ukuba athumele incwadi ekhelini elithi Jehovah’s Witnesses of South Africa, Literature Department, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740. Le ncwadi kufanele ibe negama nekheli lasekhaya lalowo muntu, igama noma uhlobo lomshini awusebenzisayo, ikheli lakhe le-E-mail, nokuthi ufunda i-Braille yesiNgisi, yesiFulentshi noma yeSpanishi yini. Uma engenayo i-E-mail, kufanele kuthunyelwe ikheli le-E-mail lothile ongamukela lawo mafayili abese ewadlulisela kuye.
◼ Sinezincwajana eziningana ezithi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? (rq) esitokweni futhi sikhuthaza amabandla ukuba afake ama-oda azo ukuze azisebenzise ngokugcwele phakathi nomkhankaso wensimu engabelwe.
◼ Amafayili aqoshiwe e-MP3 ne-M4B encwadi ethi Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova ngesiNgisi nesiPutukezi ayatholakala engosini ye-Internet ethi www.jw.org. Abasebenzisa ama-iPod bangakhetha uhlelo lwe-M4B (AAC), oluhlanganisa nezithombe zesahluko ngasinye. Uhlelo lwe-MP3 ngeke lutholakale kuyi-disc evamile. Lungatholakala kuphela engosini ethi www.jw.org. Nakuba inhlangano ikhokha isikhathi ngasinye lapho kukopishwa lezi zinto, le ndlela yokusakaza yonga imali kakhulu kunokwenza nokuthumela ama-disc.
◼ Ama-compact Disc Amasha Atholakalayo:
Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova (cdjd) —ngesiNgisi, ngesiPutukezi