ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-July 14
INgoma 126
10 imiz: Izaziso zebandla. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhambisa INqabayokulinda ka-July 1 ne-Phaphama! ka-July.
15 imiz: Xoxani ngalokho okuhlelelwa insimu engabelwe. Kumelwe isingathwe umbonisi wenkonzo. Bukeza incwadi yomkhankaso wensimu engabelwe ka-May 31, 2008 eyathunyelelwa amabandla asebenza insimu engabelwe, yisho izincwadi ezizohanjiswa, izinsuku zokuhamba, indawo ezosetshenzwa, indawo yokuhlala namalungiselelo ezinto zokuhamba. Bakhona yini abangaba amaphayona asizayo? Amabandla angayi ensimini engabelwe kufanele axoxe ngamalungiselelo okusebenza insimu engasetshenzwa njalo.
20 imiz: “Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova.”a Yisho izici eziyingqayizivele zale ncwadi. Bukeza isimiso sesifundo sencwadi neziyalezo ezitholakala ekhasini 3 lale Nkonzo Yethu YoMbuso. Bakhuthaze bonke ukuba babe khona njalo futhi bahlanganyele ngokugcwele ngezimpendulo. Xoxa kafushane nommemezeli oyedwa noma ababili abaziwa ngokuyilungiselela kahle imihlangano, ubabuze ukuthi yini ebashukumisela ukuba benze kanjalo.
INgoma 147
Isonto Eliqala Ngo-July 21
INgoma 95
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khumbuza izilaleli ukuba zize ne-Nqabayokulinda ka-August 1 ne-Phaphama! ka-August eMhlanganweni Wenkonzo wesonto elizayo futhi zilungele ukuxoxa ngezintshumayelo ezifanelekayo ensimini yebandla.
15 imiz: Ingabe Unayo “Inkululeko Yokukhuluma”? Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 2006, amakhasi 13-16. Gcizelela ukubaluleka kokushumayela ngesibindi.
20 imiz: “Ukulungiselela—Isihluthulelo Sokwenza Izimpindelo Ngokuphumelelayo.”b Hlanganisa nomboniso wemizuzu emine wommemezeli okhuluma yedwa elungiselela izimpindelo. Ubukeza amarekhodi akhe anqume ukuthi ufuna ukuphindela kubantu ababili kule mpelasonto. Khona-ke, ecabanga ngomuntu ngamunye kulaba ababili azophindela kubo, ucabangela lokho abaxoxa ngakho ngokudlule, azibekele umgomo, abese elungiselela indlela yokuwufeza. Ulungiselela ukusikisela isifundo seBhayibheli koyedwa. Komunye, ulungiselela ukuthuthukisa isithakazelo ngokusebenzisa ukusikisela okusesigabeni 5.
INgoma 189
Isonto Eliqala Ngo-July 28
INgoma 6
10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-July. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Yisho incwadi ezohanjiswa ngo-August, bese wenza umboniso ngentshumayelo eyodwa.
15 imiz: Ukulondoloza Umuzwa Wethu Wokuphuthuma. Inkulumo eshukumisayo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-December 15, 2006, amakhasi 18-19, izigaba 17-21.
20 imiz: Lungiselela Ukuhambisa Omagazini Bamuva. Ingxoxo nezilaleli. Ngemva kokubukeza kafushane i-Phaphama! ka-August ne-Nqabayokulinda ka-August 1, buza izilaleli ukuthi iziphi izihloko ezingase zikhange abantu ensimini futhi ngani. Zicele ukuba ziveze amaphuzu aqondile ezihlokweni ezihlela ukuwasebenzisa. Kungabuzwa muphi umbuzo ukuze kuqalwe ingxoxo? Kungabe sekufundwa muphi umBhalo osesihlokweni? Kusetshenziswa intshumayelo eyodwa eyisibonelo ekuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso noma intshumayelo esikiselwe yizilaleli, makwenziwe umboniso ngendlela umagazini ngamunye ongahanjiswa ngayo.
INgoma 106
Isonto Eliqala Ngo-August 4
INgoma 222
10 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Ingabe Izingane Zakho Ziyilungiselele Insimu Yazo Eyingqayizivele? Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Chaza ezinye zezinselele intsha engamaKristu ebhekana nazo esikoleni. Chaza indlela abazali nezingane zabo abangayisebenzisa ngayo i-Watch Tower Publications Index ukuze bathole ukwaziswa okuwusizo. Nikeza izibonelo ezithile. (Bheka isihloko esikhulu esithi “Schools [Izikole],” ngaphansi kwesihlokwana esithi “experiences [okuhlangenwe nakho].”) Cela labo abakhulele emikhayeni yamaKristu ukuba bachaze indlela abazali babo ababalungiselela ngayo ukubhekana nezinselele nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli esikoleni. Bangase basho nemibiko yesikole abayibhala ngezihloko ezitholakala kuyi-Phaphama! Bacele bachaze indlela ukusebenza le nsimu yabo eyingqayizivele okwaba yisivikelo ngayo.
20 imiz: “Sigumbuqela Izinto Ezigxilile.”c Cela izilaleli zichaze indlela owayezifundela iBhayibheli azisiza ngayo ngesineke ukuba zilahle izinkolelo ezingokwenkolo ezingamanga ezigxilile.
INgoma 83
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.