IZaziso
◼ Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso.
◼ Amabandla kufanele akhiphe omagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! ngokushesha lapho sebefikile. Lokhu kuyonika abamemezeli ithuba lokujwayelana nabakuqukethe ngaphambi kokuba babahambise enkonzweni yasensimini. INkonzo Yethu YoMbuso nayo kufanele ikhishwe ngokushesha lapho ifika.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla zenyanga ka-December, January no-February. Akufanele kusetshenziswe umuntu ofanayo ekwenzeni lokhu izikhathi zilandelana. Uma ibandla line-akhawunti yasebhange ehlukile, njengeyokunakekela noma ukwakha ihholo, izimali zayo nazo kufanele zibalwe. Lapho lokhu sekwenziwe, kufanele kwenziwe isaziso ebandleni ngemva kokufundwa kombiko wezimali olandelayo.—Bhekani IZiyalezo Zokuphathwa Kwezimali Zebandla (S-27).
Amabandla aseNingizimu Afrika kufanele athumele amarekhodi ezimali alezi zinyanga ezintathu ngokushesha ehhovisi legatsha. Unobhala nenceku yezimali kumelwe baqiniseke ukuthi amarekhodi ezimali aphelele futhi ahlelekile nokuthi ukwaziswa okulandelayo kuyatholakala: IPhepha Lemali (S-26), UMbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30), amaRisidi (S-24), amarekhodi ezindleko nesitatimende sasebhange senyanga ngayinye (uma ibandla line-akhawunti yasebhange). Wabhaleni ngokucacile ukuthi Accounting Office—PBO Registration.
◼ Sicela izinceku zikamagazini ukuba zihlole ukuthi zithola inani elifanele yini likamagazini INqabayokulinda (yomphakathi nefundwayo) ne-Phaphama! Uma kungenjalo, sicela nithumele ukwaziswa kokulungisa lesi simo ngokushesha nge-Fomu Loku-oda Umagazini (M-202). Khumbulani ukuthi kungase kuthathe izinyanga ezimbalwa ngaphambi kokuba kwenziwe ushintsho.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ka-2007. Le miqulu izotholakala ngesiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi nesiShayina (Esivamile). Kuze kube yilapho le miqulu isitholakala futhi isithunyelwe, kuyobhalwa ukuthi “Kusazothunyelwa” ezinhlwini zezincwadi ezithunyelelwa ibandla. Le miqulu i-odwa ngokukhethekile.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’ (cf)—ngesiBhunu, isiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi, isiShona, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nesiZulu
‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’—Ebhalwe Ngokugqamile (cflp)—ngesiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu
Is Your Life Ruled by Fate? (T-81)—ngesiShayina (Esenziwe Lula)
Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova—Ebhalwe Ngokugqamile (jdlp)—ngesiPutukezi
Watch Tower Publications Index 2006 (dx06)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika