Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/08 k. 7
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Okwenza Izingubo Esizigqokayo Nendlela Esibukeka Ngayo Kubaluleke
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 3/08 k. 7

IBhokisi Lemibuzo

◼ Kufanele sigqoke kanjani lapho sivakashele ezakhiweni ezisetshenziselwa inkonzo kaJehova?

Emhlabeni wonke, amaHholo OMbuso, amaHholo OMhlangano, amakhaya aseBethel nezakhiwo zamagatsha kuyizindawo ezikhethekile ezinikezelwe inkonzo kaJehova. Zihloniphekile, zihlanzekile, futhi zihlotshiswe kahle zibonisa isizotha. Mkhulu umehluko kulokho esivame ukukubona kulesi simiso sezinto sikaSathane. Labo abavakashela izindawo ezisetshenziselwa inkonzo kaJehova kufanele babonakale ukuthi bangabakhe, futhi benza intando yakhe.

NjengamaKristu, “sizitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu” ngazo zonke izindlela, kuhlanganise nendlela yethu enhle yokuzilungisa neyokugqoka ehloniphekile. (2 Kor. 6:3, 4) Kulindeleke ukuba sihlale siziphatha ngendlela efanele. Ngazo zonke izikhathi indlela yethu yokugqoka nokuzilungisa kufanele ibe nesizotha futhi ihlonipheke ngendlela efanela izikhonzi zikaJehova uNkulunkulu. Lokhu kubaluleke ngempela ikakhulukazi lapho sivakashele indlunkulu eNew York kuhlanganise nasemagatsheni emhlabeni wonke.

Lapho ichaza ukubaluleka kokugqoka nokuzilungisa okufanele, incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Intando KaJehova ithi kufanele sihlanzeke emzimbeni, sigqoke futhi sizilungise kahle lapho sisenkonzweni yasensimini nasemihlanganweni yobuKristu. Ekhasini 138, isigaba 3, ithi: “Khumbula, igama elithi Bethel lisho ‘iNdlu KaNkulunkulu.’ Ngakho-ke, ukugqoka, ukuzilungisa nokuziphatha kwethu, kufanele kufane nalokho okulindeleke kithi lapho sisemihlanganweni yokukhulekela eHholo LoMbuso.” Leli zinga eliphezulu kufanele lilandelwe abamemezeli boMbuso abavela ezindaweni eziseduze nabavela kude lapho bevakashele eBethel. Ngale ndlela, ovakashile ubonisa ukwazisa nenhlonipho efanele.—IHu. 29:2.

Izingubo zethu kufanele zisibonakalise njengalabo abathi “bahlonipha uNkulunkulu.” (1 Thim. 2:10) Indlela yokugqoka nokuzilungisa efanelekile inethonya elihle endleleni abanye abakubheka ngayo ukukhulekelwa kukaJehova kweqiniso. Kodwa, kuye kwaphawuleka ukuthi lapho bevakashela izakhiwo ezisetshenziselwa inkonzo kaJehova, idlanzana labazalwane nodade ligqoka ngokunganaki, ngendlela ewubudlabha ngisho neveza umzimba. Izingubo ezinjalo azimfaneli umKristu noma nini. Kule ndaba, njengoba kunjalo nakwezinye izici zokuphila kwethu kobuKristu, sifisa ukugcina izinga eliphezulu elihlukanisa abantu bakaNkulunkulu kwabezwe, zonke izinto sizenzele inkazimulo kaNkulunkulu.—Roma 12:2; 1 Kor. 10:31.

Ngakho lapho uvakashela indlunkulu negatsha eliseNew York State noma ezinye izakhiwo zamagatsha, kungakhathaliseki ukuthi ubuhlele ukwenza kanjalo noma ubuseholidini ezindaweni zokuvakasha, zibuze: ‘Ingabe indlela engigqoke futhi ngazilungisa ngayo ibonisa isizotha, ukuhlanzeka, nokuhlonipheka kwendawo engiyivakashele? Ingabe immelela kahle uNkulunkulu engimkhonzayo? Ingabe abanye bangaphazamiseka noma bakhutshwe yindlela engibukeka ngayo?’ Ngendlela yethu yokugqoka nokuzilungisa, kwangathi ngaso sonke isikhathi ‘singahlobisa imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu, ezintweni zonke’!—Thithu 2:10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela