Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/08 k. 2
  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-March 10
  • Isonto Eliqala Ngo-March 17
  • Isonto Eliqala Ngo-March 24
  • Isonto Eliqala Ngo-March 31
  • Isonto Eliqala Ngo-April 7
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 3/08 k. 2

ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-March 10

INgoma 131

10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nomboniso wokuhambisa INqabayokulinda ka-March 1 ne-Phaphama! ka-March kanye nesimemo seSikhumbuzo.

20 imiz: Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 2007, amakhasi 11-13. Cela izilaleli ukuba zichaze indlela ukuba khona emihlanganweni yebandla okuzizuzise ngayo nendlela ezizinqoba ngayo izithiyo ukuze zibe khona njalo emihlanganweni.

15 imiz: “Kukhona Esingakupha UJehova.”a Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.

INgoma 8

Isonto Eliqala Ngo-March 17

INgoma 144

10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza izilaleli ukuba ziphathe INqabayokulinda ka-April 1 ne-Phaphama! ka-April eMhlanganweni Wenkonzo wesonto elizayo futhi zilungiselele ukuxoxa ngezintshumayelo ezifanelekayo ensimini yebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.

15 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Kufanele lisingathwe umdala. Funda futhi uxoxe ngaso sonke isihloko.

20 imiz: “Singabasiza Kanjani Abazoba Khona ESikhumbuzweni?”b Lapho nicabangela isigaba 5, makube nomboniso omfushane wokuqala isifundo seBhayibheli nesivakashi ebesikhona eSikhumbuzweni.

INgoma 214

Isonto Eliqala Ngo-March 24

INgoma 111

5 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo.

10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa Omagazini Bamuva. Ingxoxo nezilaleli. Ngemva kokubukeza kafushane INqabayokulinda ka-April 1 ne-Phaphama! ka-April, buza izilaleli ukuthi yiziphi izihloko ezingase zikhange abantu ensimini nokuthi kungani. Zicele ukuba zisho amaphuzu akhethekile ezihlela ukuwakhulumela. Imuphi umbuzo ongase usetshenziswe ekuqaleni ingxoxo? Kungabe sekufundwa muphi umBhalo osesihlokweni? Kusetshenziswa ukusikisela okusebenza ensimini yebandla, makube nomboniso wokuhambisa INqabayokulinda ka-April 1 ne-Phaphama! ka-April.

30 imiz: “Ungazenza Yini Utholakale?” Inkulumo ekhuthazayo ehlanganisa nezimpendulo zezilaleli emibuzweni elungiselelwe ezigabeni 13 no-18-24. Khuthaza abazali ukuba basize izingane zabo ukuba zicabangele umsebenzi wenkonzo yaseBethel. Khuthaza imikhaya ukuba ifunde lesi senezelo ndawonye esifundweni sayo somkhaya.

INgoma 29

Isonto Eliqala Ngo-March 31

INgoma 37

10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba belethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-March.

20 imiz: Yisebenzise Ngokugcwele INcwadi Yonyaka Ka-2008. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Xoxa ngesithi “Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo,” emakhasini 3-5. Hlela ukuba ababili noma abathathu balandise okuhlangenwe nakho okuse-Ncwadini Yonyaka okubakhuthaze ngokukhethekile. Hlela kusengaphambili ukuba ummemezeli oyedwa noma ababili balandise indlela abahlela ngayo ukuze bafunde INcwadi Yonyaka. Phetha ngokubakhuthaza bonke ukuba bayifunde yonke le ncwadi.

15 imiz: “Ukwakhana Lapho Sisenkonzweni.”c

INgoma 122

Isonto Eliqala Ngo-April 7

INgoma 186

10 imiz: Izaziso zebandla.

20 imiz: Kungani Uhlehlisa Ukubhapathizwa? Umdala unikeza inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 2006, amakhasi 29-30, izigaba 14-17. Hlanganisa nengxoxo emfushane nommemezeli oyedwa noma ababili ababhapathizwa besanda kweva eshumini nambili. Yini eyabashukumisela ukuba bathathe lesi sinyathelo esibalulekile besebancane? Ukubhapathizwa kwabo kwabasiza kanjani ukuba bahlakulele ukuvuthwa okungokomoya okuyisivikelo?

15 imiz: Usuke Wayizama Yini Indlela Engagwegwesi? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2002, ikhasi 6. Xoxa ngezintshumayelo eziyisibonelo nendlela ezingalungiswa ngayo ukuze kuqalwe isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Yibe usuwenza umboniso owodwa noma emibili. Khuthaza izilaleli ukuba zizame okungenani kanye kuleli sonto elizayo ukuqala isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli zisebenzisa indlela engagwegwesi.

INgoma 225

[Umbhalo waphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela