“Amazwi Enu Ngaso Sonke Isikhathi . . . Ayoliswe Ngosawoti”
1. Kusho ukuthini ‘ukuyolisa amazwi ethu ngosawoti’?
1 “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kol. 4:6) Ukuyolisa amazwi ethu ngosawoti kusho ukukhetha amazwi afanele nokukhuluma ngendlela eyenza lokho esikushoyo kunambitheke kolalele. Kubaluleke kakhulu ukwenza kanjalo lapho sisenkonzweni.
2. UJesu wakwazi kanjani ukufakaza kowesifazane waseSamariya?
2 Isibonelo SikaJesu: Lapho ephumule ngasemthonjeni, uJesu waqala ingxoxo nowesifazane waseSamariya owayezokukha amanzi. Izikhathi ezimbalwa phakathi nale ngxoxo, lona wesifazane waveza amaphuzu ayeveza ubutha obase bunesikhathi eside phakathi kwamaJuda namaSamariya. Waveza nokuthi wayekholelwa ukuthi amaSamariya ayeyinzalo kaJakobe, nakuba amaJuda ayenomuzwa onamandla wokuthi amaSamariya ayeyinzalo yabezizwe. Kunokuba aphikisane nombono walona wesifazane, uJesu wagcina ingxoxo yakha. Ngenxa yalokho, wakwazi ukunikeza ubufakazi obazuzisa lona wesifazane nabantu bomuzi wakubo.—Joh. 4:7-15, 39.
3. Singasilandela kanjani isibonelo sikaJesu lapho sisenkonzweni?
3 Lapho sishumayela kufanele siwukhumbule njalo umgomo wethu—‘ukumemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle.’ (Roma 10:15) Sifuna ukuhlanganyela nomninikhaya iphuzu elikhangayo futhi elakhayo eliseBhayibhelini, hhayi ukumenza acabange ukuthi sigxeka izinkolelo zakhe. Uma eveza umbono oyiphutha, akudingekile ukuba siwuphikise umbono wakhe. Ingabe kukhona akushoyo esingavumelana nakho noma sikusebenzise njengesisekelo sokumncoma ngobuqotho? Mhlawumbe singethula umBhalo ngokuthi, “Wake wakucabanga yini lokhu?”
4. Kufanele senzenjani uma umninikhaya esithuka?
4 Kuthiwani uma umninikhaya esithuka noma kusobala ukuthi ufuna impikiswano? Kufanele siqhubeke sibonisa ubumnene ngokuziphatha nangamazwi ethu. (2 Thim. 2:24, 25) Uma lowo muntu engawazisi umyalezo woMbuso, kungcono ukuba sihoxe sihambe ngokuthula.—Math. 7:6; 10:11-14.
5. Udade othile wayithola kanjani imiphumela emihle ngenxa yokuphendula ngomusa?
5 Imiphumela Emihle: Lapho udade othile ezama ukufakaza kumakhelwane, lona wesifazane ongumninikhaya waphendula ngokhahlo, emthuka ngenhlamba. Ngomusa, udadewethu wathi: “Ngiyadabuka ngokuthi uzizwa ngaleyo ndlela. Ube nosuku oluhle.” Ngemva kwamasonto amabili, lona wesifazane wafika kwadade, waxolisa ngokuziphatha kwakhe, futhi wathi angathanda ukulalela lokho udade ayefuna ukumtshela kona. Impendulo enomusa ivame ukuletha imiphumela emihle!—IzAga 15:1; 25:15.
6. Kungani kubalulekile ukuba sisebenzise amazwi ayolisiwe enkonzweni yethu?
6 Lwela ukusebenzisa amazwi ayolisiwe lapho umemezela izindaba ezinhle. Ngisho noma umninikhaya engafuni ukulalela, angase athande ukulalela ngokuzayo lapho oFakazi BakaJehova befika kwakhe.