IZaziso
◼ Ngo-January: Incwajana ethi Hlalani Nilindile! Uma ningenayo esitokweni, ningase nihambise incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Njengoba u-March enezimpelasonto ezinhlanu eziphelele, angaba inyanga enhle kakhulu yokuba amaphayona asizayo.
◼ Kusukela ngo-February, engakadluli u-March 2, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda iyoba nesihloko esithi “Ungalutholaphi Usizo Ngezikhathi Zokucindezeleka?”
◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanelekile eSikhumbuzo salo nyaka esizoba ngoMsombuluko, ngo-March 22, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase iqale lingakashoni ilanga, ukudlulisa izifanekiselo akufanele kuqale lingakashoni. Buzani emithonjeni yezindaba yendawo ukuthi ilanga lishona nini endaweni yakini. Ibandla ngalinye kufanele lizame ukuba neSikhumbuzo endaweni yalo lodwa. Nokho, lokhu kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho amabandla amaningana esebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe elinye noma amanye angaqasha ezinye izakhiwo ngalobo busuku. Uma kungenzeka, sisikisela ukuba kube nemizuzu engengaphansi kwengu-40 ngemva komhlangano ngamunye ukuze bonke bazuze ngokugcwele ngokuba nobudlelwane nabanye ngemva kweSikhumbuzo. Kufanele kucatshangelwe nokuminyana kwezimoto nendawo yokupaka, kuhlanganise nokwehlisa nokugibelisa abantu. Indikimba yabadala kufanele inqume ukuthi imaphi amalungiselelo azowalungela kangcono amabandla.
◼ Onobhala bamabandla kufanele baqiniseke ukuthi banayo incwadi yokumiswa kwephayona (S-202) yephayona elivamile ngalinye ebandleni. Uma kukhona engekho, kufanele bazise ihhovisi legatsha ngokubhala incwadi.
◼ Ezinye izinceku zezincwadi ziye zabuza ukuthi kufanele ziyithumele nini i-Literature Request Form (S-14) ukuze zithole inkonzo engcono kakhulu yokudiliva kweloli. Sizani nibheke isimiso sokudiliva somzila wenu weloli. I-Literature Request Form kufanele ishiywe edepho okungenani usuku olulodwa ngaphambi kosuku lokudiliva kweloli. Ababonisi bamadepho kufanele baqiniseke ukuthi kunendawo ephawulwe ngokukhethekile yale njongo. Umshayeli uyothatha i-Literature Request Form, futhi kuye ngokuthi isitokwe sikhona yini, izinto ezi-odiwe ziyodilivwa yiloli elilandelayo. Le nqubo yokudiliva ithatha amasonto amane kuya kwamahlanu. Kubalulekile ukuthumela i-Literature Request Form njalo ngisho nalapho ku-odwe izinto ezimbalwa kuphela. Uma amabandla engenakukwazi ukuyisa i-Literature Request Form yawo edepho kusenesikhathi, kufanele ayipose ngokushesha ukuze ifike ehhovisi legatsha cishe ngesikhathi esifanayo neloli ebeliyodiliva izincwadi. Ama-oda ayasingathwa bese izincwadi zipakishwa ukuze zihambe neloli elilandelayo ngokushesha ngemva kokuba iloli ebelihambile selibuyile, ngisho nalapho isikhathi sokudiliva siyoba ngemva kwamasonto ambalwa.
◼ Ababonisi abengamele kufanele bahlole ukuthi inani le-Nkonzo Yethu YoMbuso abayitholayo lanele ngokwezidingo zebandla, futhi kunamakhophi ambalwa engeziwe. Uma nithola amakhophi amaningi kakhulu, i-oda lebandla kufanele lincishiswe kusetshenziswa IFomu Loku-oda Umagazini (M-202). Uma nithola amakhophi ambalwa kakhulu, i-oda lingase landiswe. Bonke abamemezeli kufanele bathole ikhophi. Labo abavame ukuba khona njalo eMhlanganweni Wenkonzo futhi abathuthukela ekuhlanganyeleni enkonzweni yasensimini nabo kufanele bathole ikhophi. Qinisekani ukuthi nigcina ikhophi yomtapo wezincwadi waseHholo LoMbuso. Abantu abasusiwe akufanele banikezwe ikhophi ye-Nkonzo Yethu YoMbuso.—Bhekani iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1987.
◼ Siyabonga ngezimpendulo esizithole lapho senza inhlolo-vo mayelana nokunyathelisa INqabayokulinda ebhalwe ngokugqamile ngesiBhunu, isiSuthu nangesiXhosa. Sithole imvume yokunyathelisa lo magazini ngesiSuthu nangesiXhosa, kodwa hhayi ngesiBhunu ngenxa yokuthi asiwatholanga ama-oda anele ngalolu limi. Sizosebenzisa imiphumela yenhlolo-vo njengesisekelo samakhophi okuqala esizowanyathelisa. Amanye amabandla angathumela ama-oda uma kudingeka. Ngakho-ke, uma ibandla lakini lasabela kule nhlolo-vo niyothunyelelwa INqabayokulinda ebhalwe ngokugqamile ngesiSuthu nangesiXhosa ngokwezibalo enazithumela.
◼ Ukuze sihambisane noshintsho lwe-Nqabayokulinda Efundwayo ngesiVenda nangesiKwanyama, kuzonyatheliswa kanye kuphela incwajana enezihloko ezifundwayo ezeqiwa zenyanga ka-December. Wonke amabandla athola INkonzo Yethu YoMbuso ngesiVenda ayothunyelelwa le ncwajana. Wonke amabandla athola INqabayokulinda ngesiKwanyama nawo ayothunyelelwa inani elanele lale ncwajana.
◼ Kusukela ngesonto lika-August 4, 2008, sizofunda incwadi ethi Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova eSifundweni Sencwadi Sebandla.