IZaziso
◼ Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Incwajana ethi Hlalani Nilindile! Uma ningenayo esitokweni ningahambisa ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
◼ Njengoba u-December enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, angaba inyanga enhle kakhulu yokuba iphayona elisizayo.
◼ Bonke abamemezeli banxuswa ukuba bagcwalise amakhadi ebo e-durable power of attorney (DPA), uma bengakawagcwalisi. Leli khadi i-DPA livikela ilungelo lakho lokwenqaba ukumpontshelwa igazi. Abadala bayosiza kuye ngesidingo.—Bheka isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2007.
◼ Abamemezeli akusadingeki ukuba balethe Umbiko Wesifundo (S-3) ngesifundo seBhayibheli sasekhaya ngasinye esiqhutshwe phakathi nenyanga. Nokho, kufanele baqhubeke bebhala inani lezifundo zeBhayibheli ezihlukahlukene eziqhutshiwe ohlwini olufanele lo-Mbiko Wenkonzo Yasensimini (S-4). Kusukela manje, ifomu i-S-3 selizosetshenziselwa kuphela ukubika inani lababekhona emihlanganweni yebandla.
◼ Umbonisi owengamele kufanele athumele ehhovisi legatsha umbiko we-Sabelo Sensimu Engabelwe (S-63), ibalazwe lensimu nanoma ikuphi okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo engakedluli u-November 17, 2007. Qikelelani ukuthi nisebenzisa isitembu esifanele ezimvilophini ezinkulu.
◼ INkonzo Yethu YoMbuso ivamile ukuba nezaziso ezibalulekile eziphathelene nezindlela zoku-oda izincwadi. Abaphathi bezincwadi kufanele bafunde lezi zaziso lapho nje bethola INkonzo Yethu YoMbuso ukuze bakwenze ngokushesha lokho okushiwoyo.
◼ Kukhunjuzwa abamemezeli ukuthi ukukhiqiza izincwadi ze-Braille kubiza kakhulu. Izincwadi ezinkulu zingase zifinyelele ezinkulungwaneni zamaRandi. Kuyilungelo lethu ukunikelela lezi zincwadi. Lapho egunyaza ukuthunyelwa kwe-Literature Request Form (S-14), unobhala webandla kufanele aqinisekise ukuthi lezi zincwadi zi-odelwa abamemezeli noma izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo. Kufanele abonise ngokucacile efomini i-S-14 ukuthi uye walihlola ngokucophelela i-oda futhi uyaligunyaza. Labo abathola izikhokhelo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! nge-Braille nabo kufanele bakhumbule izindleko ezihilelekile.
◼ Amabandla angaqala uku-oda uhlelo olubukeziwe lwe-Kingdom Melodies—On Compact Disc, Volume 5 (cdm-5).
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani? (pr) —ngesiKwanyama
◼ Ama-CD Amasha Atholakalayo:
Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? (cdrq) —ngesiBhunu, isiPedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nangesiZulu
◼ Ama-CD Amasha Atholakala Ngohlobo Lwe-MP3:
Bible Dramas (mpdrm) —ngesiNgisi
INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele (mpbi12) —ngesiPutukezi
◼ Ama-DVD Amasha Atholakala Ngezilimi Eziningi:
Organized to Share Good News and Whole Association of Brothers (dvjwa) —ngesi-Arabhu, isiDashi, isiMalagasy, isiNgisi, isiPutukezi (saseBrazil), isiPutukezi (saseYurophu) nangeSpanishi (Kuyi-DVD eyodwa)
To the Ends of the Earth and United by Divine Teaching (dvedt) —ngesi-Arabhu, isiDashi, isiNgisi, isiPutukezi (saseBrazil), isiPutukezi (saseYurophu) nangeSpanishi (Kuyi-DVD eyodwa)
Young People Ask—How Can I Make Real Friends? (dvfe) —ngesi-Arabhu, isiDashi, isiMalagasy, isiNgisi, isiPutukezi (saseBrazil), isiPutukezi (saseYurophu) nangeSpanishi (Kuyi-DVD eyodwa)