Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/07 k. 7
  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 10/07 k. 7

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-October 29, 2007. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-September 3 kuya ku-October 29, 2007.

IZIMFANELO ZOKUKHULUMA

1. Kungani ukuphindaphinda kuyindlela yokufundisa ebalulekile? [be-ZU k. 206 izig. 1-2, ibhokisi]

2. Singasigcizelela ngaziphi izindlela isihloko senkulumo? [be-ZU k. 210, ibhokisi]

3. Yimaphi amaphuzu asemqoka enkulumweni, futhi yini esiqondisayo lapho siwakhetha? [be-ZU k. 212 izig. 1-3]

4. Kungani kungafanele sibe namaphuzu asemqoka amaningi kakhulu enkulumweni? [be-ZU k. 213 izig. 2-4]

5. Kungani kubalulekile ukuba isethulo sethu sivuse isithakazelo, futhi kungenziwa kanjani lokhu? [be-ZU k. 215 isig. 1; k. 216 izig. 1-3, ibhokisi]

ISABELO NO. 1

6. IHubo 119:89, 90 lisisiza kanjani ukuba siqonde ukuthi singathembela ezwini likaNkulunkulu? [w05-ZU 4/15 k. 15 isig. 3]

7. Incwadi kaHezekeli igcizelela ini, futhi abangcwelisa uJehova ekuphileni kwabo manje bayothola ini? [si-ZU k. 137 isig. 33]

8. “Izwi likaJehova” lingazilonda kanjani izinhliziyo zethu? (IHu. 18:30) [w05-ZU 9/1 k. 30 isig. 2]

9. Ithemba loMbuso ligcizelelwe kanjani kuyo yonke incwadi kaDaniyeli? [si-ZU k. 142 isig. 23]

10. Incwadi kaHoseya iluqinisa kanjani ukholo lwethu eziprofethweni zikaJehova eziphefumulelwe? [si-ZU k. 145 isig. 14]

UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE

11. Kwakusho ukuthini ukulinganiswa kwethempeli embonweni kaHezekeli, futhi lokhu kusinika siphi isiqinisekiso namuhla? (Hez. 40:2-5) [w99-ZU 3/1 k. 9 isig. 6; k. 14 isig. 7]

12. Ngubani ‘isikhulu’ ekugcwalisekeni kokugcina kombono kaHezekeli? (Hez. 48:21) [w99-ZU 3/1 k. 16 izig. 13-15; kk. 22-3 izig. 19-20]

13. Usho ukuthini uDaniyeli 2:21? [w98-ZU 9/15 k. 12 isig. 9]

14. Yini eyenza uDaniyeli waba “umuntu ofiseleka kakhulu” emehlweni kaJehova? (Dan. 9:23) [dp-ZU k. 185 isig. 12; w04-ZU 8/1 k. 12 isig. 17]

15. ‘Ulwazi ngoNkulunkulu ezweni’ lakwa-Israyeli lwalungekho ngamuphi umqondo, futhi kufanele siwabheke kanjani la mazwi? (Hos. 4:1, 2, 6) [w05-ZU 11/15 k. 21 isig. 21; jd-ZU kk. 57-8 isig. 5; k. 61 isig. 10]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela