Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/07 k. 4
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 6/07 k. 4

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda June 15

“Uke waqaphela yini ukuthi abaningi namuhla bayazikhethela izindinganiso zokulungile nokungalungile? [Lindela impendulo.] Nasi isibonelo sesiqondiso esingaphelelwa yisikhathi esitholakala eBhayibhelini. [Funda umBhalo osebhokisini elisekhasini 6-7.] Lo magazini uchaza indlela esizuza ngayo ngokwamukela izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha.”

Phaphama! June

“Sonke siyayidinga imali ukuze siqhubeke siphila. Ingabe ucabanga ukuthi kungenzeka ukuba umuntu akhathazeke kakhulu ngokuthola imali? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi lo mBhalo uthini ngemiphumela yokuphishekela ingcebo. [Funda eyoku-1 Thimothewu 6:10.] Lo magazini unikeza ukusikisela okuthile okusebenzayo mayelana nendlela esingenza ngayo ukuphila kwethu kube lula, siphile ngemali encane.”

INqabayokulinda July 1

“Wake wazibuza ukuthi kungani abanye abantu bephathwa kabi ngenxa nje yokuthi bangabohlanga oluhlukile noma ngenxa yokuthi bakhuluma ulimi oluhlukile? [Lindela impendulo.] Phawula isizathu esinikezwa lapha. [Funda eyoku-1 Johane 4:20.] Lo magazini uphendula umbuzo othi, Ingabe izinhlanga ziyoke zibe nobunye?”

Phaphama! July

“Ngokungafani nezilwane ezenza izinto ngomzwelo ongokwemvelo, abantu banekhono lokukhetha izindinganiso abangaphila ngazo. Ucabanga ukuthi singasitholaphi isiqondiso esinokwethenjelwa? [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 119:105.] Lo magazini uchaza ukuphakama kwesiqondiso esitholakala eBhayibhelini.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela