Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/07 kk. 2-3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 6/07 kk. 2-3

IZaziso

◼ Ngo-June: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yenza umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala. Lapho abaninikhaya sebenayo kakade le ncwadi, babonise indlela engabazuzisa ngayo ngokubabonisa kafushane indlela yokuqhuba isifundo seBhayibheli.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-June 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma kune-akhawunti yasebhange eseceleni, njengeyokulungisa noma yokwakha ihholo, kufanele kwenziwe amalungiselelo okubala nezimali ezikuleyo akhawunti. Uma sekuphelile ukubala, kufanele kwaziswe ibandla kuhlanganiswe nombiko wezimali olandelayo. Ngenxa yokuthi i-SARS ifuna ukuba amabandla abhaliswe njengeziNhlangano Ezizuzisa Umphakathi (ama-PBO), sicela amabandla athumele amarekhodi awo ezimali ka-March, April no-May ehhovisi legatsha ngemva kokubalwa kwezimali. Unobhala nenceku yezimali kumelwe baqiniseke ukuthi la marekhodi aphelele futhi ahlelekile nokuthi ikhona yini le mininingwane elandelayo: IPhepha Lemali (S-26), UMbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30), ama-Risidi (S-24), iziliphu zezindleko nesitatimende sasebhange senyanga ngayinye (uma ibandla line-akhawunti yasebhange). Bhalani ngokucacile ukuthi lokhu kuya kuyi-Accounting Office—PBO Registration.

◼ Ngokushesha nje, ibandla ngalinye lizothunyelelwa imvilophu enkulu enamafomu awo wonke unyaka wenkonzo ka-2008 ngebandla elingumxhumanisi. Njengoba igama lamanye amabandla angaphansi kwelingumxhumanisi engabhalwa emvilophini, umxhumanisi wezincwadi kufanele ahlolisise iziyalezo ezisohlwini lwezincwadi ezithunyelwe futhi aqiniseke ukuthi ibandla ngalinye liwathola ngokushesha amafomu eliwathunyelwe.

◼ Amabandla kufanele a-ode inani elanele lamafomu onyaka wenkonzo ka-2008 e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. La mafomu alandelayo akufanele a-odwe njengoba eyohlanganiswa kulawo athunyelwa kanye ngonyaka emabandleni: UMbiko Webandla (S-1), Izimvilophu Zamakhadi Ombiko (rce), i-Literature Request Form (S-14), IFomu Lokuthumela Iminikelo (S-20), UMbiko Wokubalwa Kwezimali Zebandla (S-25), IPhepha Lemali (S-26) no-Mbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30). Wonke la mafomu sicela niwasebenzisele injongo ahloselwe yona kuphela.

◼ Umhlangano wesifunda wesiPutukezi usushintshelwe ku-July 28, 29, 2007. Indawo oyoqhutshelwa kuyo kuseyiHholo LoMhlangano Lase-Eikenhof.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Hubani Izindumiso ZikaJehova—Amagama kuphela (Izingoma eziyikhulu) (sb100)—ngesiVenda

Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? (dg)—ngesiKwanyama

INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele—Enkulu (bi8)—ngesiBhunu, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nesiZulu

◼ Ama-compact Disc E-MP3 Atholakalayo:

Kingdom Melodies (mpmel)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela