Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-June 25, 2007. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-May 7 kuya ku-June 25, 2007. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Lapho sikhuluma, singakunciphisa kanjani ukucindezeleka ukuze sithuthukise isimo sezwi lethu? [be-ZU k. 185 izig. 1-3]
2. ‘Singaba’ kanjani “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo” enkonzweni yethu? (1 Kor. 9:20-23) [be-ZU k. 186 izig. 2-4]
3. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJehova sokulalela abanye? (Gen. 18:23-33; 1 AmaKh. 22:19-22) [be-ZU k. 187 izig. 1-2, 5]
4. Iziphi izindlela ezingokoqobo esingasiza ngazo abanye ukuba bathuthuke ngokomoya? [be-ZU k. 188 izig. 1-4]
5. Kungani kufanele sikhathalele ukuhlonipha abanye? [be-ZU k. 190 isig. 3, ibhokisi]
ISABELO NO. 1
6. Kungani kumelwe sizame ukufinyelela izinhliziyo zalabo esibafundisayo? [be-ZU k. 59 isig. 1]
7. Isibonelo sethu sinaliphi ithonya kulabo esibafundisayo? [be-ZU k. 61 isig. 1]
8. Singawathuthukisa kanjani amakhono ethu okuxoxa ekhaya? [be-ZU k. 62 isig. 3]
9. Isiphi isibonelo sentshiseko ehambisana nesibindi esisithola kumprofethi uJeremiya? [si-ZU k. 129 isig. 36]
10. Ikuphi ukuqiniseka incwadi yesiLilo ekhuluma ngakho, nokho kungani inenzuzo ekuboniseni ukuqina kwezahlulelo zikaNkulunkulu kwababi? [si-ZU k. 132 isig. 13]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Ngokuvumelana nalokho okwenzeka kuJeremiya njengoba kuchazwe kuJeremiya 37:21, yini esingaqiniseka ngayo?
12. Yini okungenzeka yabangela uBharuki ukuba athi uJehova ‘wayenezele usizi ebuhlungwini bakhe,’ okwamenza ‘wadinwa,’ futhi uBharuki waqale wasabela kanjani enkingeni yakhe? (Jer. 45:1-5)
13. IBhabhiloni layeka nini ukuhlalwa, laba ‘yihlane eliyincithakalo lonke’? (Jer. 50:13)
14. Isiphi isimiso esiphathelene nomthandazo esicaciswa isiLilo 3:8, 9, 42-45?
15. Inqola echazwe kuHezekeli isahluko 1 ifanekiselani?