Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/07 k. 4
  • “Ubungaphendula Kanjani?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ubungaphendula Kanjani?”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kubafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2006
  • (1) Umbuzo, (2) UmBhalo, Bese Kuba (3) Isahluko
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ukufunda Kuyavuza
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukuphila Nenkonzo KaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 3/07 k. 4

“Ubungaphendula Kanjani?”

1. Iziphi izinselele abaningi bethu ababhekana nazo?

1 Ingabe uthanda iZwi likaNkulunkulu kodwa ukuthola kunzima ukukhumbula imininingwane yezindaba zeBhayibheli noma ukukhumbula ukuthi zikumuphi umBhalo? Ungathanda yini ukuba izingane zakho ziwaqonde kahle amaqiniso nezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo? Isihloko esithi “Ubungaphendula Kanjani?” esikhishwa nyanga zonke ekhasini 31 kuyi-Phaphama! singasiza abasha nabadala ukuba bajwayelane kangcono neZwi likaNkulunkulu.—IzE. 17:11.

2. Zingasetshenziswa kanjani izingxenye ezihlukahlukene zesihloko esithi, “Ubungaphendula Kanjani?”

2 Iyiphi indlela engcono kakhulu ongasisebenzisa ngayo lesi sihloko? I-Phaphama! ka-January 2006 yenza lokhu kusikisela: “Ake uthathe umzuzwana ubuke ikhasi 31 . . . Ezinye izingxenye zaleli khasi zizokhanga abafundi abasebasha; ezinye zizovivinya inkumbulo yabafundi beBhayibheli asebemnkantsh’ ubomvu. Ingxenye ethi ‘Kwenzeka Nini?’ izokusiza ukuba uzakhele ishadi lokulandelana kwezenzakalo, elibonisa izikhathi ababephila ngazo abalingiswa abathile baseBhayibhelini nezikhathi okwenzeka ngazo izenzakalo ezithile ezibalulekile. Nakuba izimpendulo zengxenye ethi ‘Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini’ zizotholakala kuwo wonke lo magazini, izimpendulo zeminye imibuzo eminingi zizokhishwa ekhasini elithile elizoshiwo kumagazini ofanayo, lapho zizonyatheliswa khona zibhekiswe phansi. Kunganjani uqale ngokwenza ucwaningo ngaphambi kokuba ufunde lezo zimpendulo bese uxoxa nabanye ngalokho okufundile? Ungasisebenzisa futhi lesi sihloko esisha esithi ‘Ubungaphendula Kanjani?’ njengesisekelo sezingxoxo zomkhaya noma lapho nixoxa ngeBhayibheli njengeqembu.”

3. Eminye imikhaya iye yazuza kanjani kulesi sihloko, futhi iziphi izingxenye wena ozijabulela kakhulu?

3 Ngempela, imikhaya eminingi iyakujabulela ukusebenzisa lesi sihloko njengesisekelo sesifundo somkhaya. Omunye umama uyabhala: “Mina nomyeni wami sakubona kuwumqondo omuhle ukuhlanganisa nesihloko esithi ‘Izingane Zifuna Izithombe’ esifundweni sethu somkhaya ukuze sisigcine siphila futhi sithakazelisa endodakazini yethu eneminyaka emithathu. Kujabulisa kakhulu ukuyibuka ithatha umagazini wayo we-Phaphama! imagange futhi ivula ikhasi ngalinye ize ikuthole lokho ekufunayo.” Ubaba othile eBrazil uthi: “Mina nendodana yami eneminyaka eyisikhombisa sisithanda kakhulu lesi sihloko se-Phaphama! Siye samsiza uMoises ukuba alalelisise, avule imiBhalo, aqonde izithombe nezinsuku zezenzakalo.” U-Ashley, oneminyaka engu-8, uyabhala: “Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi ‘Ubungaphendula Kanjani?’ esingemuva kwe-Phaphama! Singifundisa izinto eziningi ngeBhayibheli.”

4. Umkhaya ungasisebenzisa kanjani lesi sihloko ukuze unezele esifundweni sawo seBhayibheli?

4 Kungani ungakucabangeli ukusisebenzisa lesi sihloko esithi “Ubungaphendula Kanjani?” ngezikhathi ezithile njengengxenye yesifundo senu somkhaya? Ungasebenzisa i-Index noma i-Watchtower Library ekuyi-CD-ROM ukuze uthole izimpendulo zeminye yemibuzo enzinyana. Ngokwenza kanjalo, uyobe ufundisa izingane zakho indlela yokucwaninga. Uma unezingane esezindadlana, kungani ungazabeli umsebenzi wokucwaninga imibuzo yesihlokwana esithi “Ngingubani?” noma esithi “Kwenzeka Nini?” ngaphambi kwesifundo somkhaya? Zingabe sezihlanganyela nomkhaya izinto ezizithole ekucwaningeni kwazo. Ukusebenzisa leli khasi ngokuphumelelayo kungenye yezindlela abazali abangagxilisa ngazo iZwi likaNkulunkulu ezinganeni zabo, bazisize ukuba zazi “imibhalo engcwele” kusukela ziseyizinsana.—2 Thim. 3:15; Dut. 6:7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela