Ukuphila Nenkonzo KaJesu
Kusukela kulomagazini, kuzoba nengxenye entsha ngesihloko esingenhla kuNqabayokulinda.
EMINYAKENI emihlanu edlule, kusukela ngoMarch ka-1980, kanye ngenyanga INqabayokulinda iye yaba nesihloko esinamakhasi amabili esinemifanekiso esithi “IZwi LikaNkulunkulu Liphilile.” Ngezithombe kanye nendaba efundeka kalula, izimfundiso eziningi zeBhayibheli kanye nezenzakalo ezingokomlando ziye zachazwa ngendlela ekhanyayo, neqondakala kalula. Manje ingxenye entsha eqokomisa ukuphila nenkonzo kaJesu Kristu, izongena esikhundleni sesithi “IZwi LikaNkulunkulu Liphilile.”
Emakhasini amabili alandelayo uzobona indaba yokuqala yalengxenye entsha. Ezinyangeni eziningana ezilandelayo, ungabheka phambili ekutholeni indaba entsha kumagazini ngamunye weNqabayokulinda. Loluchungechunge olusha lwezihloko luyoba nemifanekiso eminingi njengesihloko esinamakhasi amabili esithi “IZwi LikaNkulunkulu Liphilile.”
Kuyafaneleka ukuba uJesu Kristu aqokonyiswe ngalendlela kuNqabayokulinda, ngoba uJesu uye waba nethonya elikhulu emlandweni wesintu kunanoma yimuphi omunye umuntu. Nokho, ngokubaluleke ngokwengeziwe, ukuphila kwezigidi zabantu bazo zonke izinhlangano nezizwe kuye kwashintshwa ngokunenzuzo lapho sebeye bazisa ukuphila kwakhe nezimfundiso.
Ngokunokwenzeka senazi okuningi kakade ngoJesu nangenkonzo yakhe. Kodwa ingabe niye nagcina engqondweni isikhathi nendawo yezehlakalo ukuze nikwazi ukuxoxelana futhi kanjalo nikwazi ukuzikhumbula kangcono? Ngokwesibonelo uJesu wabakhetha nini abaphostoli bakhe abayi-12—ekuqaleni kwenkonzo yakhe noma kamuva kakhulu? Ingabe kwakungaphambi noma kwakungemva kokuba umfazi womSamariya embize njengoKristu? Futhi wayekuphi lapho ekhetha abayi-12, noma esuthisa ngokuyisimangaliso abayizi-5 000, noma enikeza iNtshumayelo yaseNtabeni? Njengoba lengxenye entsha izokhuluma ngendaba yokuphila kukaJesu nenkonzo ngokwezikhathi futhi inikeze kokubili isimo esikhanyayo nendawo nokukhulumela okuchazayo, izonisiza ukuba nigcine ezingqondweni lezizehlakalo ezibalulekile ngokungenakukhohlakala kalula.
Lengxenye izoba usizo kuphela kubafundi abadala beBhayibheli, kanye nakubafundi abasebasha beBhayibheli, kanye nakubazali lapho betadisha nezingane zabo. Kulungiselelwe imibuzo ngenxa yalenjongo. Yeka indlela enhle yokubajwayelanisa nomsunguli wobuKristu kanye nezimfundiso zakhe! Ungase ucabangele kusengaphambili izindlela ongasebenzisa ngazo lezizihloko ekusizeni umkhaya wakho nabanye. Khumbula, cishe wonke umuntu uyazithanda izindaba, futhi abaningi bayazijabulela uma zingezohlobo lochungechunge lapho bezozamukela ngokushiyana.
Ngakho, kusukela endabeni yayo yokuqala, khuthaza abanye ukuba bahambisane nalendaba eqhubekayo. Uzobona ukuthi izingcaphuno zeBhayibheli zichaziwe ukuze ziqondakale kalula, nomthombo weBhayibheli unikeziwe ekugcineni kwendaba ngayinye. Khuthaza ukufundwa kwalemilando yeBhayibheli. Yebo, sebenzisa kahle lengxenye entsha ekuNqabayokulinda emsebenzini wokwenza abafundi!