Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa esikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-February 26, 2007. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-January 1 kuya ku-February 26, 2007. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Kufanele sikubonise nini ukuba usizo kwenkulumo futhi kufanele sikwenze kanjani lokhu? [be-ZU k. 158 izig. 2-4]
2. Kungani kubalulekile ukusiza abanye babone ukuthi umyalezo esiwuphethe uwusizo, futhi singakwenza kanjani lokhu? [be-ZU k. 159 izig. 3-4]
3. Kungani amagama esikhetha ukuwasebenzisa ebalulekile? [be-ZU k. 160]
4. Yini eyosisiza sisebenzise amagama ahlukahlukene ngendlela enembile? [be-ZU k. 161 izig. 5-6; k. 162 izig. 1–k. 163 1]
5. Iziphi ezinye zezinzuzo zokukhuluma usebenzisa uhlaka olusengqondweni noma olubhaliwe? [be-ZU k. 166 izig. 1-3]
ISABELO NO. 1
6. Yini ehilelekile ekulungiseleleni isabelo sokufunda? [be-ZU k. 43 izig. 2, 4]
7. Kufanele senzeni ukuze sihlakulele uthando olufana nolukaJehova ngokulungile nokuzonda okungalungile? (Heb. 5:14) [w05-ZU 1/1 k. 9 isig. 11]
8. Yini okufanele siyikhumbule uma sifunda okuthile eBhayibhelini okusenza singabaze ukuthi uNkulunkulu wénza ubulungisa noma ukulunga? [w05-ZU 2/1 k. 24 isig. 7]
9. Kufanele senzenjani lapho okufunwa abantu kungqubuzana nomthetho kaNkulunkulu? [w05-ZU 4/15 k. 12 isig. 9]
10. U-Isaya ugxila kanjani eMbusweni kaMesiya nakuJohane uMbhapathizi, umanduleli kaJesu? [si-ZU k. 123 isig. 35]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Siyini ‘isigubuzelo’ “nokwelukiweyo” okushiwo ku-Isaya 25:7?
12. Abantu ‘bangambona futhi bamuzwe’ kanjani uJehova? (Isaya 30:20, 21)
13. Iqiniso noma Amanga: UHezekiya wathandaza umthandazo oku-Isaya 38:3 ngoba efuna ngokukhethekile ukuphila isikhathi eside.
14. Ama-Israyeli ayengaba kanjani ofakazi bakaJehova, futhi singawalingisa kanjani? (Isaya 43:10)
15. Ngokuvumelana nesiprofetho esiku-Isaya 52:11, 12, yini edingekayo ukuze umuntu ‘athwale izitsha zikaJehova’?