IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe kufanele sihlanganise ukwaziswa okuzosetshenziswa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini bese sikunika nabanye?
Lokhu kuvumelekile uma kuzosetshenziswa amalungu omkhaya nabangane abaseduze abambalwa. Nokho, lokho kwaziswa akufanele kwenziwe ngenjongo yokukusakaza kuwo wonke umuntu noma ngenjongo yokuthola imali, ngoba lokhu kuyobe kuwukwephula imithetho yamalungelo okunyathelisa.—Roma 13:1.
Kwezinye izinkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, kuba nesihloko kuphela; akushiwo ukuthi zizotholakala kuyiphi incwadi. Ingabe kuyazuzisa uma othile elungiselela uhlu lwezikhombo noma ahlanganise ukwaziswa okungase kusetshenziswe yilabo abazokwabelwa lezo zinkulumo abese ebanikeza? Cha. Futhi akufanele ukuba kwenzelwe abanye izimpendulo zemibuzo yokuBukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, ngoba lokho ngeke kubasize ukuba bagxilise engqondweni amaphuzu abalulekile. Abafundi kumelwe bazicwaningele. Lokhu kuyingxenye ebalulekile yendlela uJehova asiqeqesha ngayo ngesikole ukuze asisize sikhulume “ulimi lwabafundisiweyo.”—Isaya 50:4.