Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/06 k. 2
  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-September 11
  • Isonto Eliqala Ngo-September 18
  • Isonto Eliqala Ngo-September 25
  • Isonto Eliqala Ngo-October 2
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 9/06 k. 2

ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-September 11

INgoma 20

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bakhuthaze bonke ukuba babuke i-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? belungiselela ingxoxo ezoba seMhlanganweni Wenkonzo wangesonto lango-September 25. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yakini, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-September 15 ne-Phaphama! ka-September. Komunye wemiboniso, makuboniswe indlela yokuphendula umuntu ofuna ukuvimba ingxoxo ngokuthi “Nginenkolo yami.”—Bheka incwadi Ukubonisana, kk. 18-19.

20 imiz: Zuza EMhlanganweni Wenkonzo NaseSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, kusukela esihlokwaneni esisekhasini 64 kuye esihlokwaneni esisekhasini 69.

15 imiz: Incwadi Evela Egatsheni. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini esekhasini lokuqala lale Nkonzo Yethu YoMbuso.

INgoma 126 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 18

INgoma 213

5 imiz: Izaziso zebandla.

15 imiz: Sisebenze Kanjani Ngonyaka Odlule? Umbonisi wenkonzo ubukeza umsebenzi wenkonzo wangonyaka odlule, agxile ezintweni ezinhle eziye zafezwa enkonzweni. Ncoma lapho kufaneleka. Khuluma ngesici esisodwa noma ezimbili ezidinga ukuthuthukiswa ngonyaka ozayo. Khuluma ngomsebenzi wamaphayona, uwancome ngomsebenzi wawo omuhle. Landisa ngokuhle okuye kwafezwa imizamo yokusiza abapholile.

25 imiz: “Umkhankaso Okhethekile Ozoqala Ngo-October 16 Uphele Ngo-November 12!” Inkulumo eshukumisayo ebekwa umdala. Ngemva kokufunda isaziso esisencwadini eyathunyelelwa indikimba yabadala yango-June 6, 2006, umuntu ngamunye okhona makanikezwe ikhophi ye-Kingdom News No. 37. Yibe usuqhubeka nengxoxo yemibuzo nezimpendulo yalesi sihloko. Yisho amalungiselelo ebandla okuhlanganisa yonke insimu. Khuthaza bonke abamemezeli ukuba bahlanganyele ngokugcwele kulo mkhankaso. Makube nomboniso omfushane.

INgoma 50 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 25

INgoma 94

10 imiz: Izaziso zebandla. Kumelwe zisingathwe umbonisi wenkonzo. Funda umbiko wezimali namazwi avela eNhlanganweni abonga iminikelo. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-September. Xoxa ngamalungiselelo ensimu engabelwe ango-October. Lena inyanga yokugcina yomkhankaso wensimu engabelwe. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele. Amabandla akhuthazwa ukuba agcine ukusebenza insimu engabelwe ngo-October 15, ngenxa yomkhankaso okhethekile wokuhanjiswa kwepheshana. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nomboniso wokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-October 1 noma i-Phaphama! ka-October lapho kufakazwa emgwaqweni.

25 imiz: “I-video Okufanele Siyicabangele Ngokujulile.”a Lapho nixoxa ngesigaba 1, cela ibandla ukuba lisho indlela elizizwa ngayo nge-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo ngamunye osezigabeni 2-7. Ekuphetheni, khuthaza imikhaya ukuba ihlele ukuyibukela ndawonye maduze i-DVD enesihloko esithi Young People Ask—What Will I Do With My Life?

10 imiz: Okuhlangenwe nakho kwebandla. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho ezikujabulele ngenkathi zihambisa i-Phaphama! ekhethekile noma lapho ziqala izifundo zeBhayibheli ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ekuhambeleni kokuqala. Kungase kulingiswe okuhlangenwe nakho okuphawulekayo okukodwa noma okubili.

INgoma 183 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 2

INgoma 36

10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza iBhokisi Lemibuzo.

15 imiz: Izidingo zebandla.

20 imiz: “Ukushumayela Endlini Ngendlu.”b Kuye ngesikhathi esikhona, cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.

INgoma 127 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b sethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela