Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/06 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 8/06 k. 3

IZaziso

◼ Ngo-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-October: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma ibandla linenye i-akhawunti eseceleni, njengeyokunakekela noma yokwakha iHholo, kufanele kwenziwe amalungiselelo okuba izimali ezikuleyo akhawunti nazo zibalwe. Uma lokhu sekwenziwe, kufanele ibandla laziswe embikweni wezimali olandelayo. Sicela amabandla afaké isicelo sokubhaliswa njengeziNhlangano Ezizuzisa Umphakathi (ama-PBO) athumele amarekhodi awo ezimali zebandla ka-June, July no-August ehhovisi legatsha lapho izimali sezibaliwe. Sicela lezi zinto nizithumele kuyi-Accounting Office.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2007, Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2007 kanye ne-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2007 e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Kufanele kwenziwe isaziso ebandleni ngaphambi kokuba kuthunyelwe i-oda lalezi zinto. Abamemezeli akufanele bazindele ukufaka ama-oda abo kubaphathi bezincwadi, futhi umxhumanisi wabaphathi bezincwadi kufanele alithumele ngokushesha i-oda ehhovisi legatsha.

◼ Amabheji OMhlangano Wesigodi Ka-2006: Kulo nyaka asikho isidingo sokuthumela i-oda lamabheji omhlangano ngoba ihhovisi legatsha liyowathumela emabandleni ngaphambi kwemihlangano yesigodi. Lapho efika la mabheji, umxhumanisi wabaphathi bezincwadi webandla elingumxhumanisi kufanele aqiniseke ukuthi ibandla ngalinye lithola isitokwe elisithunyelelwe. Uma kudingeka amabheji engeziwe, bhalani ngokucacile kuyi-Literature Request Form (S-14) ukuthi “Awokwenezela kulawo esawathunyelelwa.” Ngeke siwamukele ama-oda afika sekwephuzile. Izembozo zamabheji zepulasitiki zingase zi-odwe uma zidingeka.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2007—ngesiBhunu

◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:

I-albhamu ye-Watchtower Announcing Jehovah’s Kingdom—2006 (engenalutho)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela