Ukubukezwa KweSikole Senkonzo
ESINGOKWASEZULWINI Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-August 28, 2006. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-July 3 kuya ku-August 28, 2006. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Ukubheka abantu esikhuluma nabo kusisiza kanjani ekubeni abafundisi abangcono? (Math. 19:25, 26; IzE. 14:9, 10) [be-ZU k. 124 isig. 3–k. 125 isig. 3]
2. Kungani kubalulekile ukukhuluma ngokwemvelo, futhi yini engasisiza ukuba sikwenze lapho sisenkonzweni yasensimini? [be-ZU k. 128 izig. 1-5, ibhokisi]
3. Kungani kufanele sikukhathalele ukuba abahlanzekile? [be-ZU k. 131 izig. 1-3]
4. ‘Isizotha nokuhluzeka kwengqondo’ kufanele kuyithonye kanjani indlela esigqoka futhi sizilungise ngayo? (1 Thim. 2:9) [be-ZU k. 131 isig. 4–k. 132 isig. 1]
5. Iziphi izimiso zeBhayibheli okufanele sizisebenzise ukuze siqiniseke ukuthi indlela esibukeka ngayo ayibonisi ukuthanda izwe? [be-ZU k. 133 izig. 2-3]
ISABELO NO. 1
6. Ukufunda kunayiphi inzuzo enkulu kakhulu? [be-ZU k. 21 isig. 3]
7. Yini ebonisa ukuthi umuntu uhlakaniphile noma uyisiwula? (IzAga 14:2) [w04-ZU 11/15 k. 26 isig. 5]
8. Kungani “ulwazi luyinto elula” ‘kumuntu oqondayo’? (IzAga 14:6) [w04-ZU 11/15 k. 28 izig. 4-5]
10. Kufanele kusithinte kanjani ukuzindla ngendalo kaJehova? [w04-ZU 11/15 k. 8 isig. 4]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Ezikhathini zasendulo, uJehova ‘walinika kanjani izwi’ elaholela ebuthweni elikhulu ‘labesifazane abalandisa izindaba ezinhle,’ futhi lokhu kusebenza kanjani namuhla? (IHu. 68:11)
12. Yini eyacishe yenza u-Asafa wayeka ukwenza okulungile, futhi ukucabanga kwakhe kwalungiswa kanjani? (IHu. 73:2, 3, 17)
13. Kungani imana elalilungiselelwe ama-Israyeli libizwa ngokuthi “okusanhlamvu kwasezulwini” nangokuthi “isinkwa sabanamandla”? (IHu. 78:24, 25)
14. Iyini ‘indawo esithekile yoPhezukonke,’ futhi singahlala kanjani kuyo? (IHu. 91:1, 2)
15. Ukufa kwabantu abaqotho kuyigugu ngayiphi indlela kuJehova? (IHu. 116:15)