Aye Abeka Isibonelo Sokwethembeka
1 Ngo-1937 kwavulwa umkhakha omusha wenkonzo yesikhathi esigcwele—inkonzo yamaphayona akhethekile. Amadoda nabesifazane abafanelekayo, abase benesikhathi eside besenkonzweni yobuKristu, bamukela ngokuzithandela izabelo zokuyokhonza nomaphi lapho inhlangano yayibathumela khona. Manje, sekudlule amashumi eminyaka futhi amaphayona akhethekile asaqhubeka nokubeka isibonelo sokwethembeka esikufanelekelayo ukulingiswa.—Heb. 6:12.
2 Ayahola: Ekuqaleni, amaphayona akhethekile ayehola emsebenzini wokushumayela esebenzisa amagilamafoni aphathekayo emizini yabantu. Ayesebenzisa nezinkulumo eziqoshiwe njengesisekelo sezingxoxo zeBhayibheli lapho enza izimpindelo. Lokhu kwakwenziwa emadolobheni amakhulu ayenamabandla asemisiwe. Kamuva, amaphayona akhethekile athunyelwa ezindaweni ezazinendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso. Ayelandelela bonke ababebonise isithakazelo futhi ayeqhuba izifundo zeBhayibheli. Ngenxa yemizamo yawo yenkuthalo, kwakhiwa amabandla amasha amaningi kakhulu. Umsebenzi wawo wokushumayela engakhathali waba nomthelela ekwandeni okukhulu ngokubabazekayo kwenhlangano esikubonayo namuhla. (Isaya 60:22) Amaphayona akhethekile ayaqhubeka enendima ebalulekile ekusakazeni izindaba ezinhle “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.”—Kol. 1:23.
3 Ayakufanelekela Ukulingiswa: Sekungamashumi eminyaka amanye amaphayona akhethekile esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Phakathi nale minyaka, ukholo lwala madoda nabesifazane abaqotho luye lwacwengisiswa ezimweni ezihlukahlukene. (1 Pet. 1:6, 7) Bebelokhu bezimisele ukudela ukuphila okuthokomele ukuze bakhonze ezindaweni ezinesidingo esikhethekile. Abanye babo manje sebekhulile ngeminyaka futhi bahlushwa impilo ebuthaka, noma babhekana nezinye izimo eziyinselele. (2 Kor. 4:16, 17) Noma kunjalo, ‘bayaqhubeka bechuma nasebumpungeni.’ (IHu. 92:14) Bathembela kuJehova futhi uyababusisa.—IHu. 34:8; IzAga 10:22.
4 Ngokuqinisekile, kufanele siwatuse kakhulu amaphayona akhethekile. Uma nibusiswe ngokuba namaphayona akhethekile abelwe ebandleni lakini, lisebenziseni ngokugcwele lelo thuba ngokuzinika isikhathi sokuba nawo futhi nizuze kokuhlangenwe nakho kwawo. Bonisani ukuthi niyayazisa inkonzo yawo njengabamemezeli boMbuso abathembekile. Qiniswani ukungantengantengi kwawo. Bonke abalingisa ukholo lwawo nabo bangathola umusa nesibusiso sikaJehova ngoba “abenza ngokwethembeka bayamjabulisa.”—IzAga 12:22.