IZaziso
◼ Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-October: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Kusukela ngesonto lika-January 8, 2007, sizofunda incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! eSifundweni Sencwadi Sebandla. Kulungiselelwa uhlelo olubhalwe ngokugqamile lwale ncwadi. Amabandla kufanele athole izincwadi ezanele zohlelo oluvamile nolubhalwe ngokugqamile kusasele isikhathi esanele ngaphambi kokuba ifundwe.
◼ Onobhala bamabandla kufanele baqiniseke ukuthi banayo Incwadi Yokumiswa Kwephayona (S-202) yephayona elivamile ngalinye ebandleni. Uma kunencwadi engekho, kufanele babhalele ihhovisi legatsha.
◼ Ukubalwa kwaminyaka yonke kwazo zonke izincwadi nomagazini abakhona esitokweni kufanele kwenziwe ngo-August 31, 2006, noma ngokushesha ngemva kwalokho. Lokhu kubalwa kwezincwadi kuyefana nalokho okwenziwa umxhumanisi wabaphathi bezincwadi nyanga zonke, futhi izingqikithi kufanele zibhalwe efomini elithi Ukubalwa Kwezincwadi (S-18). Ingqikithi yomagazini abasesitokweni kufanele itholakale kubaphathi bakamagazini. Unobhala webandla elingumxhumanisi kufanele aqondise ukubalwa kwezincwadi. Yena nombonisi owengamele webandla elingumxhumanisi bayosayina ifomu. Ibandla ngalinye elingumxhumanisi liyothola amafomu amathathu athi Ukubalwa Kwezincwadi. Sizani nithumele elokuqala ehhovisi legatsha engakadluli u-September 6. Gcinani ikhophi efayilini lenu. Ikhophi yesithathu ningasebenza ngayo.