IZaziso
◼ Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yenza umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-July no-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ Njengoba u-July enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, kungaba inyanga enhle yokuba amaphayona asizayo.
◼ Kuyocatshangelwa i-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? eMhlanganweni Wenkonzo ka-September. Uma kudingeka, ningayi-oda ngebandla ngokushesha ngangokunokwenzeka.
◼ Kutuswa ukuba ISicelo Senkonzo Yamaphayona Avamile (S-205) sithunyelwe ehhovisi legatsha kusasele okungenani izinsuku ezingu-30 ngaphambi kosuku umuntu afuna ukuqala ngalo. Unobhala kufanele awahlole la mafomu ukuze aqiniseke ukuthi agcwaliswe kahle. Uma abafaka izicelo bengalukhumbuli usuku ababhapathizwa ngalo, kufanele bahlawumbisele ukuthi kwakunini bese bebhala phansi. Unobhala kufanele alubhale lolu suku ekhadini le-Rekhodi Lommemezeli Lebandla (S-21).
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda amafomu anele onyaka wenkonzo ka-2007 e-odeni lawo lezincwadi lika-July. Izinto ezilandelayo akufanele nizi-ode ngoba ziyofakwa esitokweni saminyaka yonke samafomu ebandla: UMbiko Webandla (S-1), Izimvilophi Zamakhadi Ombiko (rce), IFomu Lokuthumela Iminikelo (S-20), UMbiko Wokubalwa Kwezimali Zebandla (S-25), IPhepha Lemali (S-26) kanye no-Mbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30). Nicelwa ukuba amafomu niwasebenzise kahle futhi niwasebenzisele injongo yawo kuphela.
◼ Ama-compact Disc Amasha Atholakalayo:
My Book of Bible Stories—ngesiNgisi
The Greatest Man Who Ever Lived—ngesiNgisi
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
Pursue Goals That Honor God—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika